Umphakathi ugxeka umasipala ngokuhluleka ukwenza umsebenzi

2019-04-24 06:01
isithombr: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi ngesikhathi kunembizo eCaluza.

isithombr: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi ngesikhathi kunembizo eCaluza.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI ophuma emawadini ahlukene ngaphansi komasipala uMsunduzi uvuke umbhejazane ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-12 kuMbasa (April) wazwakalisa ukungenami kwawo ngokusebenza komasipala uMsunduzi.

Lamalunga omphakathi abeyingxenye yembizo ebeyibizwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye nezindaba zoMdabu uNkk Nomusa Dube Ncube nalapho kade ezokwazisa khona umphakathi ngokuthi kuzokwezekalani njengoba umasipala uMsunduzi usufakwe ngaphansi kwehlo lomlawuli.

Le mbizo ibise hholo lomphakathi eCaluza.

UDube -Ncube uthe bathathe isinqubo sokuba bafake lomasipala ngaphansi kweso lomlawuli ngenxa yalezi zizathu ezilandelayo :

•Amakhansela abengasayihambeli nhlobo imihlangano ebalulekile nokugcine sekuphendula umasipala indawo engukwampunzi edla emini.

•Ukuhluleka komasipala ukujezisa labo abebethinteka ekusetshenzisweni kwemali yabakhokhi bentela ngendlela engafanele.

•Ukuhluleka ukubheka ukusebenza kwezikhulu njengoba lokhu kuholele ekutheni umasipala uphucwe izigidi ngezigidi zemali zokuthuthukiswa komphakathi ngenxa yokuhluleka kwawo ukuyisebenzisa ngendlela efanele.

•Ukuhluleka ukuxazulula izingqinamba umphakathi obhekene nazo njengoba idolobha laseMsunduzi laziwa njengelingcole kunawo wonke.

•Ukuhluleka ukuphenya izinsolo zenkohlakalo kuwona lomasipala.

Ekhuluma namalunga omphakathi uNkk Dube-Ncube uthe izikhalo zomphakathi uzozidlulisela eminyangweni efanelekile ukuze leyominyango izokwazi ukuthi ibuye izoletha lezo zimpendulo.

“Ohlelweni lokuthi umasipala waseMsunduzi nezindawo zasemalokishini nasemadolobheni kubalulekile abantu baphile bahlale endaweni ehlanzekile manje kungcolile kanti futhi awuqoqwa udoti nemisebenzi ayenzeki ngendlela efanele.

“Siwutshelile umasipala kanye namakhansela ukuthi siyathemba ukuthi angeke baze babavikele abasebenzi abangasebenzi okanye abangafuni ukusebenza uma ngabe kufanelwe bajezizwe.

“Uma ngabe uqashelwe ukwenza umsebenzi bese wena ungawenzi loko kusho ukuthi wena uthola imali ngenkohlakalo,” kubeka yena.

Uthe bakhulumile nomasipala ukuthi uma kungabe kukhona abasebenzi ekumele bashushiswe kanye nabantu ekumele baboshwe kumele ukuthi kusetshenziswane ukuze kulungiswe umasipala uMsunduzi kanye nezinto ezonakele ezitholakala emphakathini.

“Siyathemba ukuthi nomphakathi uzobambisana nomasipala kanye nomnyango kanye nabalawuli. Asilethanga umlawuli oyedwa kodwa silethe ithimba elizosebenza nabasebenzi bakamasipala kulungiswe lapho kwenzeke amaphutha. Kuphindwe kwenziwe loko ekumele kwenziwe ngezimali ukuthi zenze imisebenzi eyahlukahlukene,” kubeka yena.

Amalunga omphakathi abevutha bhe ethi akhathele umasipala ongabenzeli lutho njengoba bethi basenenkinga yokuthola intuthuko ezindaweni abahlala kuzona.

UNks Phumla Luthuli waka ward-39 uthe : “Kunezindawo ezinomgwaqo ogalungile umphakathi uyazilungisela. Asikho esigculiseke ngako ngoba nezimoto ezithwala amanzi akafiki.

“Izindlu esathanjiswa zona kuze kube imanje asikaze sizithole,” kubeka yena,

UNks Khuthaza Makoya ka-ward 2 uthe: “Sinenkinga yokuthi bafika bagugule umgwaqo baqhumise amapayipi uma sibuza bathi abangene bona. Umgwaqo waseShayabantu wagugulwa ngo-2012 kodwa kuze kube imanje awakhiwe.”

UNtombikhona waka-ward 8 uthe bona banenkinga yokuthi ikhansela abalazi imigwaqo yonakele kanti futhi namanzi abanawo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.