Umphakathi ukhala ngamaphoyisa

2017-11-22 06:00
Isithombe: SithunyelweIncwadi ebhalwe umphathi siteshi wase Plessislaer ephendula uhlu lwezikhalo zomphakathi wasEsigodini nasEmgodini.

Isithombe: SithunyelweIncwadi ebhalwe umphathi siteshi wase Plessislaer ephendula uhlu lwezikhalo zomphakathi wasEsigodini nasEmgodini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMANYE amalungu omphakathi wasEsigodini nasEmgodini asola amaphoyisa ase Plessislaer ngokuwahlukumeza ngokuwashaya engenze lutho.

Elinye ilungu lo mphakathi elicele ukuthi igama lalo lingadalulwa lithe: “Sihleli kanzima, zinsuku zonke amaphoyisa amisa amalungu omphakathi awatshele ukuthi awalale phansi, awaseshe bese eyawashaya kodwa kungekho onecala,” kusho leli lungu lo mphakathi.

Uthe amanye amaphoyisa okusolwa ukuthi ahlukumeza umphakathi ahamba ngemoto yamaphoyisa ase Port Shepstone kanti esinye isigameko sokushaywa kwamalungu omphakathi angenzanga lutho senzeke ngoLwesihlanu oledlule esitolo esisendaweni yakwaPata.

“Abantu baphinde beshaywe nangezidunu zezibhamu, akekho umuntu osathemba amaphoyisa kulendawo. Asisazi ukuthi kumele senze njani ngoba siyasaba nokuvula amacala ngoba lokho kungaphetha ngokuthi ovule icala athole ukuhlukumezeka futhi,” kusho leli lungu lo mphakathi.

Omunye umthombo utshele leli phephandaba ukuthi ubeyingxenye yalabo abashaywe amaphoyisa ngoLwesihlanu oledlule kwesezinye izitolo ezikulendawo.

“Amaphoyisa afika ngezikhathi eziphakathi kuka-7.30pm kuya ku-8pm asitshela ukuthi asilale phansi, asibuza amagama ethu abe esishaya, emuva kwalokho abaleka,” kusho lo mthombo.

Uthe lamaphoyisa abe hamba ngemoto yamaphoyisa ase Plessislaer kanye neyase Port Shepstone kanti abengawugqokile umfaniswano wamaphoyisa.

Ngokusho kwalomthombo esinye isigameko salolu hlobo senzeke ngoMgqibelo odlule endaweni yas’ Okhalweni.

Lamalungu omphakathi aqhube ngokuthi umphakathi wakulendawo uphinde ubhekane nenkinga yamatekisi njengoba amatekisi engasasebenzeli Esigodini nasEmgodini.

Bathe ngoLwesine oledlule bekumele uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnu. Mxolisi Kaunda ahlangane nomphakathi wakulendawo ukuzokwethula izimpendulo njengoba lo mphakathi wabhikisha mhlaziyi 6 ku-Okthoba ukhala ngodaba lwamatekisi.

“Kodwa wagcina engafikanga waphelela esiteshini samaphoyisa,” kusho oyedwa wabo.

Omunye uthe indlela amaphoyisa enza ngayo ngokuhlukumeza abantu abangenzanga lutho umphakathi usunezinsolo zokuthi amaphoyisa acheme nabemboni yamatekisi.

Uqhube ngokuthi umphathi wesiteshi samaphoyisa ase Plessislaer uphendule uhlu lwezikhalo zomphakathi mayelana nodaba lwamatekisi ngokuthi izinto ezithinta ukusebenza kwamatekisi kumele zibhekwe uMnyango wezokuThutha.

Okhulumela amaphoyisa ase Plessislaer, uKaputeni Musa Ntombela uthe akukho okungaphawulwa amaphoyisa ngodaba lokuthi amaphoyisa ahlukumeza amalungu omphakathi njengoba kungekho icala elike lavulwa livulelwa amaphoyisa ngalezi zinsolo.

“Kodwa amalungu omphakathi kumele akwazi ukuthi analo ilungelo lokuvulela amaphoyisa amacala futhi siyawaqguqguzela ukuthi akwenze lokho,” kusho uKaputeni Ntombela.

Uphethe ngokuthi amaphoyisa akhishwe ngobuningi awo ukuthi eziqapha isimo Esigodini nasEmgodini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.