Umphakathi ukhala ngonobhala wekhansela

2017-09-13 06:01

MHLELI, akengicele lelithuba kwiphephandaba lakho ngidlulise umuzwa esinawo ngoNobhala wekhansela lakwa ward-10.

Mhleli, kuyaye kwenzeke into nithule ningabantu nibekezele engathi aniboni, kuthi kungahamba isikhathi iqhubeka into mese niyahluleka ukubekezela.

Emavikini edlule ngike ngaya KwaPata Hall ngidinga ukusizwa ehhovisini lekhansela mangingaphosisi usuku kwakuwuLwesine, isimo sezulu sasingesihle khona kwakubanda kakhulu, ngafika ekuseni ngodinga unobhala ngahlala ngaze ngahamba ngaphuthuma ngase mall ngoba kwakunezinto okwakumele ngiyoziposa ngathi ngizophinde ngibuye ngezikhathi zasemini.

Ngempela ngabuya emini nase mini lutho ukumthola mangibuza unogada engangiqala ukumbona ehhovisini lekhansela wathi unobhala uke wafika isikhashana kodwa akangahlala.

Lapho ehhovisini akukho muntu ngathi angihlale futhi ngilinde hlampe usazoqhamuka. Ngahlala cishe kwaze kwaba isemini lutho ngaze ngahamba.

Ngaphindela ngakusasa ngoLwesihlanu ngezikhathi zehora lesi-11 wathi lonogada unobhala uhambile futhi nakuyena akushiwongo lutho ukuthi kuyiwa ngalaphi ubone ehhovisini kuvaliwe, kodwa thina sidinga usizo njalo njengo mphakathi, ngaze ngahamba futhi umoya wami uphukile ngoba sengigqigqe kwaze kwaba kabili lutho ukuthola usizo.

Ngenhlanhla ngoMsombuluko mangifika ekuseni ngamfica kodwa ngaphinda ngahlukumezeka ngoba ngacela angibhalele incwadi edingeka emnyangweni wezabasebenzi wathi angilinde ozongibhalela uvame ukufika ehhovisi ngehora lesi-9 kodwa ngahlala kwaze kwaphela elinye ihora wazifikela ngesikade nalo owagcina engisizile.

Elami ke mhleli lithi, ngicela ukwazi kubaphathi bonobhala bamakhansela ukuthi kumele yini izinto ezinje zenzeke kuthina malunga omphakathi sihlukumezeke ngalendlela? Phambilini bebekhona onobhala bamakhansela kodwa ubufika akwenzele lento oyidingayo uhambe ungalindiswa abanye abantu.

Ngicela le ike ibuyekezwe ngoba shuthi sekuyavela ngampela ukuthi lamahlebezi okuthi lonobhala akaqedanga ngisho umatikuletsheni kuliqiniso ngendlela ekwenzeka ngayo.

Siyacela Mnu. Gambu ukungahlukumezeki ehhovisini lakho ngenxa kanobhala sigcina isikhathi sokusiza umphakathi saziwe ngoba wena uyikhansela eliwusebenzelayo umphakathi futhi uyaziletha izidingo zomphakathi kodwa hhayi siyakhala ngonobhala wakho mkhulu.

Okhathazekile

BAWINILE MSELEKU

KwaPata

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.