Umsakazi uzimisele ngempumelelo

2019-06-26 06:01
ISITHOMBE : lethiwe makhanyaUSboniso ‘Kideo’ Zulu (kwesobunxele) kanye no-Andiswa Mchunu othi ufuna ukukhula endimeni yezokusakaza.

ISITHOMBE : lethiwe makhanyaUSboniso ‘Kideo’ Zulu (kwesobunxele) kanye no-Andiswa Mchunu othi ufuna ukukhula endimeni yezokusakaza.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMFUNDI wezindaba nophinde abe nohlelo lokusakaza esiteshini somsakazo womphakathi uMnu Andiswa Mchunu uthi ukukhuliswa umama kuphela ngaphandle kukababa ikona okumukhuthazile ukuba azimisele aphinde asebenze kanzima ekwenzeni isiqiniseko sokuthi ulandela amaphupho akhe.

UMchunu uqale ukungena emkhakheni wokufunda izindaba emsakazweni i-KZN Capital 104 ngonyaka wezi-2014. Ube esejoyina uMgungundlovu FM ngonyaka owedlule nokuyilapho egcine esethola khona indawo yokusakaza uhlelo Indlov’iyosithela ehambisana noSboniso ‘Kideo’ Zulu njalo ngoLwesine kusuka ngehora lesithathu kuya kwelesithupha (3 pm-6 pm).

Ekhuluma ne-Echo uMchunu uthe ngesikhathi ekhetha umkhakha wokuba intatheli efunda izindaba emsakazweni akakaze azitshele ukuthi ngelinye ilanga uyoke abe ngumsakazi.

“Ngaphambi kokuba ngijoyine uKideo ngaqala ngaba umsakazi ovakashile ohlelweni lwasekuseni noFika Mbatha nokuyilapho engaqala khona nami ukuzibona ukuthi ngingakwazi ukungena kuwona lo mkhakha. Ngesikhathi ngiqhubeka ngifunda izindaba abantu abaningi bebehleli bekhala ngezwi lami ukuthi lingakulungela ukuba ngibe umsakazi.

“UKideo uyena-ke owabe esengimema ukuba ngimujoyine ekusakazeni uhlelo lwangoLwesine. Kwangijabulisa kakhulu loku ngoba kuyakhombisa ukuthi ngiyakhula kulo mkhakha wezemisakazo kanti futhi kusho ukuthi abantu bayakubona ukusebenza kwami kanzima,” kubeka yena.

UMchunu uthe uzimisele ngokuthi aqhubeke afunde kulo mkhakha ukuze ezokhula akwazi ukuthi agcine esesebenza nakweminye imisakazo emikhulu.

“Ukukhuluma nabantu abaningi vele into engiyijwayele ngoba ngesikhathi ngikhula bengihleli ngibizwa ukuthi ngibe umphathi wohlelo emicimbi eyahlukene. Ngicabanga ukuthi naloko kwangisiza kakhulu ekutheni ngingabi umuntu onamahloni.

“Ngiyawuthanda umsakazo kanti ngiyafisa ukuthi ngelinye ilanga nami ngigcine sengisakazela imisakazo emikhulu. Kodwa noma kunjalo ukuba umfundi wezindaba kuyohleli kusenhliziyweni yami ngaso sonke isikhathi,” esho.

Ubonge uMnu Muzi Sibiya nongumphathi siteshi uMgungundlovu FM ngokumnikeza ithuba nokukholelwa kuyena namaphupho akhe.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.