Umshayeli usola amaphoyisa ngokuzama ukumuqola imali

2018-06-06 06:00

OWESILISA ongumshayeli wemoto yasesikoleni esifundisa ukushayela emgwaqeni uTimber Street usola amaphoyisa omgwaqo akwamasipala uMsunduzi ngokuzama ukumqola imali emuva kokuba ethathe imoto yakhe ngesikhathi ipake endaweni engafanele.

UMnuz Lungiswa Mncube uthi iphoyisa lomgwaqo lakwamasipala uMsunduzi lamunika ithikithi lemali engu-R300 laqede lathatha imoto yakhe ngoLwesihlanu olwedlule lomhla zingama-25 kuNhlaba (May).

Uthi emva kwalokho kwaphoqeleka ukuba ahambe aye lapho kugcinwa khona izimoto ezithathwe amaphoyisa akwamasipala ku-Washington Road, kodwa wathi uma efika wathola ukuthi imoto yakhe ayikho.

“Ngafike ngasho ukuthi ngizolanda imoto yami ethathwe emgwaqeni u-Timber Street bathi uma bebheka amabhuku bathola ukuthi ayizange ifike imoto lena engiyishoyo.

“Intombazane ebeyingisiza ibe isifonela iphoyisa okuyilona elinginikeze ithikithi lathatha nemoto.

“Ngemuva kwalokho le ntombazane ibe seyingitshela ukuthi kuthiwa imoto yami igcinwe inkampani yeloli elithathe imoto yami, uma ngiyifuna kumele ngiye khona ngifike ngikhokhe u-R810.

“Into engifuna ukuyazi ukuthi kungani imoto yami ingahanjiswanga lapho kugcinwa khona izimoto zonke futhi kungani kumele ngiyokhokhela umuntu engingamazi imali esikhundleni sokuthi ngikhokhe endaweni kamasipala ngoba ibona abathathe imoto.

“Ngiyavuma ukuthi ngangisephutheni kwakufanele ayithathe imoto ngoba kubhaliwe ukuthi akumiwa lapho ngangime khona, kodwa into engididayo kuyona yonke lento ukuthi kungani kumele ngiyokhokha imali komunye umuntu ongasebenzi kamasipala?

“Kungani futhi imoto ingahanjiswanga yayogcinwa lapho kugcinwa khona ezinye? Le mali ekuthiwa angiyikhokhe ekabani kanti?

“Ngifuna izimpendulo kumasipala ukuthi kanti sekusetshenzwa kanjani manje?.
Abazange bayibhalise imoto ukuthi bayithathile nokukhomba ngokusobala ukuthi le mali babefuna ukuzidlela yona kube ngeyabo,” kubeka yena.

UMnuz Mncube ufunge wagomela ukuthi ngeke aze ayikhokhe le mali kumuntu angamazi. Uthe uzimisele ukukhokha inhlawulo kodwa ufuna ukuyenza ngendlela elungile.

“Ngizwile ukuthi akusiyona imoto yami kuphela engazange ihanjiswe lapho kade kumele ihanjiswe khona kodwa kukhona nezinye ezintathu abanikazi babo ekuthiwe kumele bafike bakhokhe lemali kule nkampani.

“Uma kungukuthi kukhona into eyenzekayo emotweni kuzoba iphutha likabani lelo? Akumele yini siye lapho zibhaliswa khona ziphinde zigadwe khona onogada bakamasipala? “Kusukela ngoLwesihlanu anginamoto ngoba akekho ofuna ukuphumela obala ukuthi kungani imoto yami ingazange ibhaliswe phansi ukuthi ithathwe amaphoyisa omgwaqo akamasipala.

“Ngeke ngiluyeke lolu daba kuze kube ngifika emsukeni walo. Lento eyenzekayo ukukhwabanisa nje phela umasipala kumele uyisukumele,” kubeka yena.

UMnuz Mncube uphinde wakhala ngokulimala kwebhizinisi njengoba bengaphumeli obala futhi bengafuni ukumsiza lapho kugcinwa khona izimoto. Okokuqala nje le ndawo engangime kuyona sasivele siyisebenzisa njengendawo yokupaka izimoto yabe isisuswa ngesonto eledlule badweba ulayini obovu.

Njengoba sisebenzela ku-Timber kuthiwa asipakephi-ke?.”

Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNksz Thobeka Mafumbatha akaphendulanga imibuzo athunyelwe yona ngesikhathi sokushicilela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.