UMthethomusha udle umhlanganiso kumqhudelwano wangempelasonto

2017-08-30 06:02

UMTHETHOMUSHA udle umhlanganiso kumqhudelwano kaDkt. Siyabonga Khumalo obudlalwa ngoMgqibelo, ngomhlaka 19 ku-Agasti, ezinkundleni zemidlalo eThafeni.

Uxwayise abadlali bakhe umqeqeshi weMthethomusha F.C. (u13) uSizwe Thabethe ngokuthi bangalokothi bakuvumele kuba futhe amakhanda ukunqoba lomqhudelwano.

UMthethomusha F.C. unqobe ngo 5-3 kwi Gugulethu F.C. yase Dambuza sekushaywa ama-penalty ngoMgqibelo odlule.

Lomdlalo bekungowamanqamu kwimidlalo ebihlelwe yaphinde yasingathwa yi-Edendale Football Assosication (EFA) ngokubambisana noDokotela uSiyabonga Khumalo, umxhasi.

UThabethe ukhiphe lesi sexwayiso nje, kuyinto esifana nesiko kubadlali bakuleli ukuthi behlise umfutho uma izinto zibahambele kahle. Uthe: “Kungaba elikhulu iphutha ukuthi sivumele abadlali bethu bazithwale ngenxa yokunqoba lomncintiswano ngoba lokho kungaba yinkinga kithina.

Kufanele njalo sizithobile ukuze siqhubeke nemiphumela emihle,” kusho uThabethe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.