Unephupho lokuwina indondo owe-kwaito

2018-10-17 06:02
Syabonga ‘Seaman’ Zaca. ISITHOMBE: sithunyelwe

Syabonga ‘Seaman’ Zaca. ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI we-kwaito waseZondi Store, e-Elandskop uthi iphupho lakhe ukuthi agcine esewina indondo ye-Best Kwaito.

USyabonga “Seaman” Zaca (35) usanda kuphinda i-album yakhe yesithathu esihloko sithi Inja yegame.

Le-album inezingoma ezili-14 kanti uthi uqonde ngayo ukuqwashisa intsha.

“Nqaqala ukubhala izingoma ngonyaka ka-1996 ngifunda ibanga lika-Grade 8 kodwa ngize ngakhipha i-album yami yokuqala ngonyaka wezi-2010. Kule-album engisanda kuyikhipha manje izingoma eziningi zixwayisa intsha ngezinto ezingalungile njengokudla izidakamizwa kanye nophuzo oludakayo.

“Ngibone kungcono ukuthi ngisebenzise umculo ukuzama ukudlulisa umyalezo kanye nekwexwayisa nokuyala ngoba intsha iyawuthanda umculo. Sekukaningi kuzanywa kukhulunywa nentsha kodwa iningi layo belingazihambeli lezo zinkulumo. Umculo wona ngiwubone uyisu elingcono ngoba bayawulalela futhi bayawuthanda,” kubeka yena.

Uthe kusukela angena kule ndima yezomculo uzibona esekhulile kakhulu njengoba esesa ne-studio sakhe lapho eqophela khona izingoma zakhe.

“Le-album yami ngiziqophele yona kanti futhi ngiyaziqhenya ngaloko. Ngifuna ukuqhubeka ngisebenze kanzima ngizikhandle ukuze ngizokwazi ukuthi ngigcine ngiwine indondo nenginesiqiniseko sokuthi ngizoyithola. Ngisebenze kanzima kuleminyaka eyedlule kanti ngisazoqhubeka futhi nokusebenza kanzima. Into ebalulekile nje uma ukulendima ukwenza isiqiniseko sokuthi ngesikhathi uqopha umculo wakho ushaya into ecokome ezothandwa abalandeli.

Uma wenze njalo uzophumelela kanti futhi angeke nje uvele uphuphe emculweni.”

Ngaphandle kokufuna ukuwina indondo uZaca uthe kuyiphupho lakhe ukuthi asize abanye abaculi abasafufusa njengoba esevule nestudio sakhe. Uthe akafuni ukuthi lesi-studio sigcine sisiza yena kuphela kodwa ufuna kusizakale nabanye abaculi abancane abasafufusa nabasazovela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.