UNgqongqoshe ufuna ukulekelela

2018-05-16 06:02
UNkk Belinda Scott ngesikhathi ehambele imijondolo yaKwaJika-Joe ngoLwesine olwedlule.isithombe: lethiwe makhanya

UNkk Belinda Scott ngesikhathi ehambele imijondolo yaKwaJika-Joe ngoLwesine olwedlule.isithombe: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE wezeziMali uNkk Belinda Scott uzwakalise ukuphoxeka ngesimo semijondolo ehlala abantu KwaJika-Joe.

UNkk Scott uvakashele le ndawo ngoLwesine olwedlule mhlaka-3 kuNhlaba (May) eyohlola isimo aphinde azise abahlali ukuthi sebelaphi nezinhlelo zokubalekelela ekutheni bathole izindlu ezisesimweni ngemuva kokuzibophezela ukuthi uzobasiza ngoNtulikazi (July) wangonyaka odlule.

UNkk Scott wayevakashele le ndawo ngonyaka ophelile nalapho ayehambisana khona neminyango eyahlukene okubalwa kuyona uMnyango wezekuThuthukiswa koMphakathi, wezeMfundo, wezeMpilo, wezeZindlu, uMkhandlu uMgungundlovu kanye noMasipala uMsunduzi.

NgoLwesine uNkk Scott wezwakalise ukungenami ngesimo sakule ndawo nasichaze njengesethusayo nesingafanele engabe sihlala abantu.

Uthe: “Kungephula inhliziyo ukubona abantu bephila ngale ndlela ikakhulukazi labo abahlala nezingane ezincane.

“Kunokuba isimo sibe ngcono siya ngokuba nzima kakhulu. Abantu basebenzisa izindlu zangasese ezizodwa nazo ezingahlanzekile. Siyathusa isimo sakulendawo. Angazi ukuthi abantu abahlala lana baphila kanjani,” kubeka yena.

Uphinde wakhala ngesimo sezempilo njengoba kunodoti ohleli eduze kwalemijondolo ongaqoqwa onephunga elingabekezeleleki.

UNkk Scott ube nomhlangano nayo yonke iminyango ethintekayo ukuzwa ukuthi isihambe yagcinaphi nezinhlelo zayo zokulekelela abantu bakule ndawo. Kulo mhlangano uNkk Scott uthe kungaba ngcono uma kungenziwa i-war room trailor yabantu baKwaJika-Joe njengendlela yokwehlisa abahlali kulo kungcola abaphoqeleke ukuba bahlale kubona.

Indawo yaKwaJika-Joe ikhungethwe inkinga yezindlu ezingekho esimweni, ukungahlanzeki, ukungabikho kwemisebenzi kanjalo nogesi wezinyokanyoka nosudale izingozi ezingi ngaphambilini kubalwa ukusha kwemizi kanye nokushona kwabantu beshokhwa yiwona lo gesi.

Ikhansela le ndawo uMnuz Nkululeko Mkhize uthe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu lwehlukene izigaba ezimbili ngokwemibiko ayithola kwabezokuHlaliswa kwaBantu kaMasipala uMsunduzi.

“Njangamanje kwakhiwa ama-flat okuhloswe ukuqashiswa kuwo. Imali ezokhokhwa ngokwalolu hlelo isukela ku-R800- R3500. Labo abangakwazi ukukhokha i-rent bona umasipala uzobahlinzeka ngezindlu zomxhaso [RDP houses] ezindaweni lapho uMkhandlu wakha khona izindlu zomxhaso,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.