Ungqongqoshe ukhala ngokwenyuka kwezinga lezingozi

2019-10-09 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi uMphathiswa wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uMnu Bheki Ntuli ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo salabo abashonile.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKungesikhathi uMphathiswa wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uMnu Bheki Ntuli ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo salabo abashonile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNGQONGQOSHE wezokuThutha esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Bheki Ntuli uthi kukhona into ekumele yenziwe ebhulohweni lasendaweni yaKwaXimba ngemuva kwengozi edlule nemiphefumulo yabantu abayisikhombisa.

UMnu Ntuli ukusho lokhu ngoLwesine olwedlule mhla zingama-26 kuMandulo (September) enkonzweni yesikhumbuzo yalabo abashonile nebeyise zinkundleni zemidlalo khona KwaXimba.

Amagama abashonile uThabiso Bethwell Mtolo (26),Siphesihle Herbert Thabethe (34),Zola Gungxwana Mzolo (19),Xolani Isaac Dlamini (36), Goodenough Mfanufikile Mnyandu (35), Nkosinathi Robert Mhlongo (35) kanye noDayalan Pillay. Le ngozi enyantisa igazi yenzeke ngoLwesihlanu olwedlule mhla zingama-20 kuMandulo (September) kanti ibihlanganisa iloli, imoto encane kanye nemoto yohlobo lweveni.

Ekhuluma namalunga omphakathi akade ezokhalisana kanye nemindeni elahlekelwe, uMnu Ntuli uthe kukhona okumele kwenziwe kulelibhuloho kanye nasemgwaqeni wakulendawo ukugwema ukulahleka kweminye imiphefumulo kuyona lemigwaqo.

“Ngonyaka owedlule lowo okade enguMphakathiwa walo mnyango uMnu Mxolisi Kaunda ubekuyona futhi le ndawo ngemuva kwenhlekelele yengozi eyenzeka kulona futhi leli bhuloho nalapho kwashona khona abantu abali-17. Asizange sizitshele ukuthi sekungaphinde kushone abanye abantu abaningi kangaka esikhathini esincane kanje. “Kumele kube khona into eyenziwayo maduze. Uma kungukuthi izimali azikho kumele kube khona ezinye izindlela ezenziwa ukusindisa eminye imiphefumulo ukuthi ingalahleki kulo mgwaqo,” kubeka yena.

Uthe bebenga katholi ukuthi yini ebe imbangela yengozi .

“Siyafuna ukwazi ukuthi yini ebe imbangela yengozi. Sifuna ukwazi ukuthi ngabe bekuyiphutha likamshayeli yini noma bekuyimoto enenkinga. Ophenyweni esilwenzayo besingakayitholi imiphumela kodwa uma ngabe iphuma sizonazisa ukuthi kungabe kube yini imbangela yengozi.”

UMnu Ntuli uthe bazophinde babuye kule ndawo ukuze kuzokhulekelwa le ndawo kuphinde kushwelezwe uma ngabe kufanele ngoba sebekhathele izingozi ezidlula nemiphefumulo yabantu ezenzeka kule ndawo.

Ube esenxusa abashayeli ukuthi bangabi budedengu emgwaqeni.

“Ubudedengu bakho abungabi yinkinga yethu sonke silahlekelwe yizimpilo zabantu, izingane ziphenduke izintandane ngenxa yakho.

“Kuthina umshayeli obudedengu, onganaki futhi ongenandaba nomphumela wezenzo zakhe emgwaqeni uyafana nje nomuntu obulale omunye umuntu ngenhloso,” kubeka yena.

Bonke laba abashonile bafihlwe ngempelasonto.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.