Unina wengane udinga imali yesibonelelo

2017-11-15 06:00
Isithombe: SithunyelweUNksz Thobsile Zondi (kwesokudla) nendodakazi yakhe kwesokunxele.

Isithombe: SithunyelweUNksz Thobsile Zondi (kwesokudla) nendodakazi yakhe kwesokunxele.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNINA wengane eneminyaka engu-11 eyazalwa ikhubazekile uthe sekuphele iminyaka ezama ukuthola isibonelelo sokukhubazeka esiqhamuka kuhulumeni kodwa njalo uma efaka isicelo kwa-SASSA asiphumeleli.

UNksz Thobsile Zondi ohlala e-Imbali Unit 14 uthe inkinga enkulu ngalokhu ukuthi njengoba engasebenzi kunzima ukuthi anakekele ingane yakhe ngokuyithengela izinto ezikhethekile njengoba iphila nokukhubazeka.

“Njalo uma ngifaka isicelo sokuthola isibonelelo sokukhubazeka emahhovisi aseMbilakhahlela bavele bengitshele ukuthi ukukhubazeka kwengane yami kuyinto engalapheka noma bethi akukwazi ukuthi ingane yami ikhubazekile kodwa ibe ingafundi esikoleni sabantu abaphila nokukhubazeka noma bengitshele ukuthi sengijahe ukudla imali,” kusho uNksz Zondi.

Uthe isicelo sokuthola isibonelelo kumnyango usesifaka kwaze kwaba yizikhathi ezine.

Ngokusho kukaNksz Zondi, ingane yakhe yazalwa inokukhubazeka emlenzeni naso nyaweni kanti ngemuva kokuzalwa kwayo ingane odokotela bazama ukuyihlinza ukuze kuzolapheka ukukhubazeka kwayo.

“Kodwa nokuhlinzwa kwayo indodakazi yami akusizanga okwaphoqa ukuthi umuntu azame ukuthi afake isicelo sokuthola isibonelelo sokukhubazeka njengoba umuntu engasebenzi,” kusho yena. Uthe ngenkathi sinqatshwa okuqala isicelo sokuthola lesi sibonelelo abasebenzi bakwa-SASSA abamubuyiselanga incwadi kadokotela eyayifakazela ukuthi ingane yakhe inokukhubazeka.

“Njengoba enenkinga emlenzi nasonyaweni lwakhe akakwazi ukuthi ahambe ngezinyawo uma eya esikoleni okuphoqa ukuthi ngimufake komalume manje inkinga angisebenzi anginayo imali eyanele yokuthi ngimufake kubona, enye into futhi ukuthi izicathulo zakhe ziyashesha ukudleka ziphele ngenxa yendlela anyathela ngayo yingakho ngiyidinga imali yesibonelelo sokukhubazeka ukuze ngizokwazi ukweseka ingane yami ngendlela efanelekile,” kusho uNksz Zondi.

Uphethe ngokuthi imali yesibonelelo ingaphinde imulekelele ngokuthi akwazi ukuthengela ingane yakhe ukudla okunomsoco ngoba kubalulekile kuyona njengoba iphila nokukhubazeka. Incwadi ebhalwe ngudokotela wezingane esibhedlela sase Edendale ebonwe yileli phephandaba iyakufakazela ukuthi indodakazi kaZondi yazalwa inokukhubazeka.

Lencwadi iveza ukuthi indodakazi kaZondi inesimo somgogodla esiyimbangela yokukhubazeka kwayo.

Iqhuba ngokuchaza ukuthi ngenxa yokukhubazeka indodakazi kaZondi ayikwazi ukugqoka izicathulo zesikole ezijwayelekile ezithungwe ngesikhumba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.