Unkosikazi ugwaze wabulala umyeni wakhe

2018-07-25 06:01

AKUKACACI ukuthi ngabe yini eholele ekutheni owesifazane osemncane wasendaweni yaKwaMpumuza agwaze abulale umyeni wakhe.

Lesi sigameko esishiye abantu abaningi beshaqekile senzeke ngoMsombuluko ebusuku mhla zili-16 kuNtulikazi (July) nalapho kugwazwe kwabulawa khona uMnuz Sbu Sithole, egwazwa ngunkosikazi wakhe.

Ngokuthola kwephephandaba i-Echo uMnuz Sithole kuthiwa ubehlala nonkosikazi wakhe kanye nezingane zakubo kaMnuz Sithole nokubikwa ukuthi bezikhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Umthombo othembekile osondelene nalesi sigameko, odonse ngendlebe intatheli yaleli phephandaba ukuba kungadalulwa igama lawo, uthe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko izingane zakubo kaMnuz Sithole bezikhona endlini kodwa zizivalele kwelinye lamagumbi nathe usola ukuthi yingoba bezesaba.

“Ngemuva kokuba senzekile isigameko unkosikazi kaSbu ube esebona ukuthi useyashona waphuthuma wabiza ubaba wasendaweni ukuba azomusiza.

“Bazamile ukumthatha uSbu bamuphuthumise esibhedlela kodwa washonela endleleni engakafiki esibhedlela.

“Sisashaqekile nje ngalesi sigameko ngoba akukho ngisho umakhelwane othi uzwile ukuhilizisana kwengxabano nobekungase kuholele ekutheni unkosikazi aze agwaze umkhwenyana wakhe.

Okusiphatha kabi kakhulu yilezi zingane ezincane ezingakafiki ngisho naseminyakeni eyi-16 ubudala ebezikhona ngesikhathi kwenzeka sonke lesi sigameko. Nakuba bengabonanga kwenzeka kodwa umsindo kanye negazi kuyohleli kubahlukumeza njalo.

“Zisezincane kabi lezi zingane ukuthi zibone into ebuhlungu kangaka,” kuphetha yena.

Omunye umthombo uveze ukuthi uMnuz Sithole nonkosikazi wakhe bebengakaqedi isikhathi eside beshadile.

Uthe kulo nyaka uMnuz Sithole ubesanda kuhambisa umembeso kubo kankosikazi wakhe.

Uthe: “Kuhle kona ukukhuluma iqiniso, besazi ukuthi unkosikazi uyamuhlukumeza uMnuz Sithole kodwa besingakaze sicabange ukuthi usengaze amubulale.

“Akusikhona okokuqala ukuthi amugwaze njengoba ayehleli emushaya waze wamushisa nangamanzi abilayo ngaphambi kokuba bashade.

“Sibuhlungu kakhulu ngalento eyenzekile ngoba uMnuz Sithole ubengumuntu ozilungele akekho ongamazi lapha endaweni.”

Ngesikhathi iphephandaba i-Echo lihambele lapho kwenzeke khona isigameko ngoLwesibili lifice amalungu omndeni angazange azidalule amagama kodwa athi ngeke aze akwazi ukuphawula ngalolu daba ngaphambi kokuba kuze kufike wonke amalungu emindeni athintekayo.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekile isigameko. Uthe kuboshwe owesifazane ngecala lokubulala kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo maduze.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.