Unqatshelwe ibheyili osolwa ngokudlwengula umshana

2017-11-01 06:01

USAZOBHADLA esitokisini owesilisa waseMaswazwini, Elandskop oneminyaka engama-31 ubudala ngemuva kokunqatshelwa ibheyili inkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu olwedlule.

Umsolwa ongeke adalulwe igama lakhe ukuvikela isisulu, ubhekene necala lokudlwengula umshana wakhe oneminyaka eli-14 ubudala, nokuthiwa kwenzeka ngomhlaka 2 Okthoba khona eMaswazini. Ngosuku lwesigameko kuthiwa isisulu sasilele ngesikhathi umsolwa engena esibhudubeza esidlwengula. Ngemuva kwalokhu isisulu sazama ukubaleka saphuma ngomnyango kodwa umsolwa wasisukela ehamba esigwaza ngesikere, nokuvele ukuthi wasigwaza amahlandla ayisishiyagalombili (8) emzimbeni.

Ngemuva kwalokhu isisulu kuthiwa sakhala sabaleka kwaze kwaphuma omakhelwane bazolekelela nokuyilapho umsolwa abaleka khona.

IMantshi u-Advocate M. Boikhutso uthe angeke kuze kube ubulungiswa uma ngabe umsolwa engadedelwa ngebheyili njengoba kungaqinisekisiwe ukuphepha kofakazi kuleli cala.

“Abangani bakho sebeqalile vele ukusabisa isisulu. Uma kungukuthi wena uyadedelwa kusho ukuthi isisulu kanye nofakazi baleli cala abaphephile. Inkantolo angeke ize ikwazi ukukudedela ngisho kuthiwa uyohlala kwenye indawo ayi lapho kuhlala khona isisulu, ngaphandle uma kungaqinisekiswa ukuthi kulendawo oyohlala kuyona azikho izingane.

“Umakungukuthi liyakulahla leli cala ufanelwe ukuyobhadla ejele isikhathi eside. Omalume ibona ekumele engabe bavikela abashana babo ayi ukuthi babahlukumeze. Wena uhluleke wancama ukuvikela umshana wakho,” kusho uBoikhutso.

Icala lihlehliselwe umhlaka 15 Novemba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.