Unqunywe washiswa owaseSweetwaters

2019-04-10 06:02

USAPHITHENE amakhanda umndeni wakwaZondi kaNxamalala eSweetwaters ngemuva kokushiswa nendlu kwendodana yawo ngoMgqibelo ekuseni.

UMnu Bhuti Maxwell Zondi (48) nobedume ngalikaSbakabaka utholwe ngezikhathi zehora lesihlanu ekuseni ngoMgqibelo mhla zingama-30 kuNdasa (March) ngemuva kokuba umakhelwane evuswe yiphunga kanye nomsindo wokusha.

Umakhelwane kuthiwa ube esehlaba ikhwela ebiza abanye omakhelwane kanye nomndeni wakhe uSbakabaka.

USbakabaka kuthiwa ubehlala yedwa endlini yomxhaso kodwa indlu yakhe ibiseduzane nasekhaya lakhe.

Ngesikhathi i-Echo ifika endaweni yesigameko bekusanuka ukusha kanti amanye amalunga omndeni abesematasa ekhipha izimpahla ezishile egumbini lapho kushonele khona uSbakabaka.

Ngokusho kukababomncane wakhe, uMnu Bhekisisa Zondi, uthe ngemuva kokuzwa ngalo mshophi banikele khona bafika igumbi lelo ekade lilala uSbakabaka livutha amalangabi kungasangeneki nangaphakathi, intuthu ivimbanise ngisho ewindini.

“Sibe sesikha amanzi ethangini ujojo elikhona eduze kwendlu yakhe sase sesiyazama ukucisha umlilo waze wacisha ngoba labo bezicishamlilo bafike sesiwucishile umlilo kodwa ngebhadi yena ubeseshe wangqongqa wayilahle engasabonakali nokuthi uyena,” kubeka yena.

UMnu Zondi uthe yonke impahla ebeyiphakathi endlini kaSbakabaka egumbini lakhe lokulala nayo ishe yangqongqa. Uthe ngenxa yokuthi ubeseshe waba yilahle abakwazanga ukubona ukuthi kungabe ulimele yini kodwa baze bezwa ngalabo abahlonza izidumbu ukuthi uqale wanqunywa umqala ngaphambi kokuba ashiswe.

“Lokho kuyachaza ukuthi lo muntu ushiswe nendlu vele eseshonile ngoba kusho ukuthi bamunqumile base bemfaka lapha endlini yakhe bamshisa.

“Sibuhlungu, sithukile futhi sisadidekile nje ukuthi ngubani ongenza isihluku esifana nalesi.

“Ubengumuntu ozilungele ezwana nawo wonke umuntu ehleli ezihlekisela besingalindele ukuthi angabulawa ngesihluku esingaka. Asazi nje ukuthi ubani ongenza into enje ngoba uSbakabaka ubengayena umuntu onezitha.”

Omunye umakhelwane okhulume ne-Echo ongazidalulanga igama uthe ubeqala ukubona into ayibonile kangangokuba akabange asakwazi ukulala.

“Indlela ilangabi elalikhulu ngayo kwakuthusa ngangiqala ukubona into enje selokhu ngaba khona. Sibuhlungu kakhulu ngaloku okwenzekile ukuthi umuntu usengaze abulawe ngesihluku esingaka aphinde aze athungelwe ngomlilo pho?” kubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese uthe amaphoyisa avule icala lokubulala.

USbakabaka uzobekwa endaweni yakhe yokugcina ngoMgqibelo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.