ABAHLALI baseSakha eMkondeni bathi abasazi ukuthi benzenjani njengoba umgwaqo abawusebenzisayo usuvele waphenduka waba idamu lamanzi.
Lo mphakathi usola omunye umnikazi wamafemu kule ndawo uMnuz Farak Mohammed ngokuvala umsele obuhambisa amanzi eceleni komgwaqo ngemfucuza ayikhipha efemini yakhe.
Ngesikhathi bekhuluma nentatheli yephephanda i-Echo bathe lenkinga iqale ngenyanga kaLwezi (November) ngonyaka owedlule.
Bathi baqala babona abantu befaka udoti ngezimoto kwagcina sekufika amaloli ezochitha udoti kulo msele wamanzi.
UMnuz Shange oyilungu lomphakathi uthe sekukaniningi bezama ukuyilwa lento, kodwa akukho okuphumelelayo.
Uthe udaba sebaze balubika ngisho nakwikhansela lendawo uNkk Sandy Lyne.
“Amanzi agcwele umgwaqo asisakwazi ukuhamba kuwona. Siphoqeleka ukuba sigqoke amadadla ukuze sikwazi ukuwela nakhona uphuma umanzi nte.
“Sizamile ukukhulumisana nomnikazi wefemu simubuza ukuthi kungani enza lento ayenzayo kodwa waphika wathi akuyena ovale umsele wamanzi. Labantu akade bevala lo msele bebewuvala endaweni yakhe ekhona ebuka wabayeka kodwa usesitshela ukuthi akazi ukuthi ubani obathumile? Bekufika amaloli la ezochitha udoti osewuvimbe ukuhamba kwamanzi,” kubeka yena.
Uqhube wathi ayikho into abangayenzanga bewumphakathi ukuzama ukuxazulula lenkinga njengoba sebaze babhala incwadi bayithumela nge-email kwiMeya yoMasipala uMsunduzi ukuthi ayifike izobona ukuthi baphila kanjani , kodwa ayikaze ifike.
Lo mphakathi ukhala nangokuthi lomgwaqo usuyingozi ikakhulukazi kulabo abahamba ngezimoto njengoba amanzi emaningi ngokwedlulele.
Ikhansela lakulendawo uNkk Lyne uvumile ukuthi uyayazi lenkinga ekhungethe lo mphakathi wathi udaba lwabo uselubike naseMnyangweni wezokuThutha nezeMvelo.
“Ngikhulumile futhi nomnikazi wendawo. Lolu daba luyadingidwa izikhulu naye umnikazi ,” kubeka yena.
Umnikazi wendawo uMnuz Mohammed uphike walala ngomhlane ukuthi nguyena ovale umsele obewuhambisa amanzi kodwa wasola umasipala ngokungawenzi umsebenzi wawo njengoba umgwaqo kungowa masipala.
“Kunendawo yami engingakwazi ukuwela ngiye kuyona ngenxa yalamanzi agcwele lana emgwaqeni. Kudingeka ukuba ngize ngisebenzise imoto eyiveni elikhulu ukuze ngizokwazi ukuwela.
“Sekukaningi sizama ukubikela umasipala ukuthi kumele ufake ipayipi elizolawula amanzi ukuba angagcwali emgwaqeni kodwa awusilaleli.
“Sekuphele cishe isikhathi esingaphezu konyaka ngizama ukulwa ukuthi kufakwe ipayipi elizodonsa amanzi. Lenkinga iyangihlukumeza njengabo abahlali,” kubeka yena.