UPhoswa ubuye nendondo kuma-Crown Awards

2019-12-04 06:00
UMfundisi Trevor Phoswa nendondo yakhe.ISITHOMBE: sithunyelwe

UMfundisi Trevor Phoswa nendondo yakhe.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UPHAKAMISE indawo yaseMgungundlovu uMfundisi Trevor Phoswa ngesikhathi uhlelo lwakhe lwasemsakazweni UMgungundlovu FM luhlomula indondo emcimbini wezindondo owaziwa ngokuthi ama-Crown Gospel Music Awards nakade eseThekwini ngeSonto.

Uhlelo Sidumisa Inkosi beluqokwe emkhakheni we-Best Gospel Community Radio Show.

UMfu Phoswa nongumethuli walo lolu hlelo uthe ujabule kakhulu ngokuhlomula kwalolu hlelo.

Ekhuluma ne-Echo uthe nakuba bekunzima engazi ukuthi kumele alindeleni kulo mncintiswano, kodwa ubenalo ithemba lokuthi angase aphumelele.

“Ngesikhathi kubizwa igama lokuthi ubani [ophumelele] ngike ngadideka isikhashana ngingazi ukuthi ngithini, bengingakholwa kodwa ngabuye ngasukuma ngayokwamukela indondo esiteji.

“Ukuwina lendondo sekuzongigqugquzela ukuthi ngiqhubeke ngisebenze kanzima ngilaphe abantu ngiphinde ngibanike ithemba ngezimpilo zabo, ngoba inhloso enkulu yalolu hlelo ukunikezela abantu ngethemba ubakhuthaze ukuthi bangaliphonsi ithawula,” kubeka yena.

Uqhube wathi ekuzimiseleni nokuqhubeka kwakhe esebenza kanzima uthe kuyisifiso sakhe ukuthi ngelinye ilanga akwazi ukushayela uhlelo olufana njengalolu eziteshini zomsakazo ezinkulu.

“Isiteshi sethu somphakathi UMgungundlovu FM sesingisize kakhulu ekutheni ngibe ilomuntu engiwuyena namhanje, kodwa nami kuyisifiso sami ukuthi ngiphumele ngaphandle kwaseMgungudnlovu ngiyokwelapha eminye imiphefumulo.

“Ngiyakholelwa ukuthi baningi abanye abantu abangahlali eMgungundlovu abangakujabulela ukuba ingxenye yohlelo olufana nalolu. Baningi abadinga izinkulumo kanye nezimfundiso esinazo kulolu hlelo ngaphandle kwaseMgungundlovu,”kubeka yena.

UMfu Phoswa ube esebonga bonke abalaleli kanye nabalandeli bakhe abamesekile baphinda bamvotela kwaze kwaba uyaphumelela uyayithola lendondo.

“Sihambile izindawo sicela ukuba sivotelwe nangempela abantu benza njalo. Beyingeke ize ibuye lendondo ize ekhaya ukube abantu basonge izandla bathi angeke baze basivotele. Ngibonga kubona bonke ababe ingxenye yalolu hambo kwaze kwaba kufika ekugcineni.

Ngiyabonga kakhulu.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.