Uqhunyelwa isitamukoko masonto onke

2019-07-24 06:00
UMnu Sizwe Msomi ekhombisa lapho kuphuma khona indle uma sekuqhume isitamukoko.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

UMnu Sizwe Msomi ekhombisa lapho kuphuma khona indle uma sekuqhume isitamukoko.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESILISA wasendaweni yaseCinderella Park ka-B usola umasipala uMsunduzi ngokulushaya indiva udaba lwakhe lokuhlushwa isitamuiukoko.

UMnu Sizwe Msomi uthi alipheli isonto singazange siqhume isitamukoko kodwa futhi akekho omusizayo ukuthi asilungise.

Ekhuluma ne-Echo uMnu Msomi uthe akasazi ukuthi kumele enze njani ukuze ezothola usizo lokulungiselwa isitamukoko.

“Isonto nesonto siyaqhuma. Sengiphilela loko nje kanti nje akumnandi neze. Sengize ngavula nomsele ukuthi uma ngabe sesiqhumile wonke udoti ungene khona ungasabalali ebaleni. Uma sike saqhuma kunuka umuzi wonke kuba nzima nanokuthi umuntu adle.

“Indle isuke igingqika ebaleni kube nzima ngisho ukuphuma endlini. Angiyiphathi ke eyephuma awukwazi ngisho ukuvula umnyango nokudla akungeni ngisho ukungena emlomeni ngenxa yento engisuke ngiyibona yenzeka ebaleni,” kubeka yena.

UMnu Msomi uthi isitamukoko siphinde saqhuma futhi ngoLwesibili wazama ukubikela abantu bakamasipala kodwa abazange bafike wathi esephinda uyafona ucingo bese lukhala lungabanjwa.

“Njalo uma ngike ngafonela kamasipala ngabika inkinga yami ngemuva kokuba sesiqhumile lesi sitamukoko bathatha isikhathi sabo ukuba bafike. Kwesinye isikhathi bafika sekudlule ngisho izinsuku kwenzekile loko okusho ukuthi mina kusuke kumele ngihlale nendle zonke lezo zinsuku bengafiki.

“Uma ngabe kwenzekile bagcina befikile ngihleli ngibachazela ukuthi lena inkinga enkulu ngoba njalo kuhleli kuqhuma nokukhomba ukuthi ikhona ngempela inkinga ekhona, kodwa cha akukho okwenzekayo kuyazifanela nje. Angazi noma bayahamba yini kwakona ukuthi bahambe bayobika kubaphathi babo ukuze ngizokwazi ukuthi nami ngithole usizo.”

Uthe into ayifunayo nje yena ukuthi alungiselwe isitamukoko sakhe ukuze sizoyeka ukuhlale siqhuma njalo.

“Akuseyona impilo lena engiyiphilayo manje. Sengihleli ngilindile njalo ukuthi sizoqhuma nini. Angisahleli ngokukhululeka ngoba nalapho okusuke kusabalale khona indle kusala sekungcolile uma ngabe sekomile kube nephunga elinganambithisiseki,” kuphetha yena.

Imizamo yokuthola okhulumela umasipala ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.