Uqothwe ngenhlamvu phambi kwentombi owakwaDambuza

2017-11-08 06:01

KUSAYINDIDA ukudutshulwa kubulawe owesilisa wakwaDambuza, nodutshulwe wabulawa ngezintathakusa zangoMsombuluko eMbali Unit J.

USkhumbuzo “Maweekend” Phoswa, oneminyaka engu-21, udutshulwe abasolwa abangaziwa ngezinhlamvu eziyisishiyagalombili (8) nokuthiwa enye ingene emlomeni.

Ngokuthola kwe-Maritzburg Echo ngomthombo osondelene kakhulu nalolu daba, kuthiwa umufi ubephuma endaweni yokuzijabulisa e-033 Lifestyle ngesikhathi ehlelwa ilomshophi. Abasolwa kuthiwa bashiye imoto bude buqamama nalapho kwenzeke khona isigameko base belandela umufi ngezinyawo.

“Kuthiwa umufi ubehamba nentombi yakhe bephuma ukuyozijabulisa. Okusididayo ukuthi ubengasuka kanjani eMbali Unit 3 ahambe ngezinyawo ashiye imoto abebehamba ngayo? Yena lona wesifazane abehamba naye usale kanjani? Kungani lezigilamkhuba zingamenzanga lutho ngoba makungukuthi uzibonile uzoziceba? Lento iyasidida ngoba akukho nokutheni esikusolayo,” kuchaza umthombo.

Uqhube wathi abazi ukuthi yini ebingase iholele ekutheni umufi abulawe ngalesi sihluku.

“Ubengumuntu ozithulelayo nozilungele engaqali muntu asazi ukuthi kungani ebulewe. Sesithembe amaphoyisa ukuthi adlale indima yawo ekutholeni lezi zigila mkhuba ngoba asisoze sakuthola ukuphumula singalazanga iqiniso. Mhlawumbe ukwazi iqiniso kuyosisiza ukuthi sixole kuthobeke nezinhliziyo noma engeke esavuka umfowethu.”

Okhulumela amaphoyisa esiteshini iPlessislaer uKapteni Musa Ntombela usiqinisekisile isigameko wathi bekungakaboshwa muntu.

“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kulandela ukudutshulwa kubulawe owesilisa eMbali Unit J ngoMsombuluko ekuseni. Amaphoyisa athole amagobolondo ezinhlamvu angu-8 endaweni yesigameko nokusolwa ukuthi iwona okwadutshulwa ngazo umufi. Bekungakaboshwa muntu,” kubeka UKapteni Ntombela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.