Usazikhotha amanxeba odlelwe indlu

2019-09-25 06:01

INZIMA impilo kowesifazane wasendaweni yaseMbali Unit BB3 ngemuva kokudlelwa indlu yakhe yomxhaso.

UNkk Maneli Ngcobo (62) uthe indlu yakhe yomxhaso solokhu yakhiwa ngonyaka wezi-2006 kodwa kuze kube yimanje akakaze ahlale kuyona ngoba isetshenziswa abanye abantu.

Elandisa i-Echo uthe ngemuva ko-kuphasiswa kwesicelo sakhe wanikezwa izincwadi eziyisiqinisekiso sokuthi uyitholile indlu. Uthe lezo zincwadi yizona okwakumele azisebenzise uma eseyolanda okhiye bendlu yakhe uma ngabe isiqediwe ukwakhiwa.

“Ngahamba ngaya ehhovisi lekhansela lapho kwakulandwa khona okhiye bezindlu eseziqediwe ukwakhiwa kodwa intombazane engayifica khona yangitshela ukuthi okhiye isibanikeze omunye umuntu nokunguyena umnikazi wendlu. Kwangidida lokhu ngoba ngangiphethe wonke amaphepha ayengubufakazi bokuthi indlu eyami kodwa angizange ngibathole okhiye bayo kuze kube yimanje,” kubeka yena.

UNkk Ngcobo kumanje into asele nayo amaphepha kanye netayitela kuphela okushoyo ukuthi unendlu kodwa akahlali kuyona njengoba ihlala abanye abantu.

Uthe usezamile izikhathi eziningi ukuzama ukulungisa lolu daba nokuthola ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi kuhlale abanye abantu endlini yakhe.

“Ngemuva kokuba mina ngingazange ngibathole okhiye ngathi ngiyabona sekuhlala abantu endlini yami. Ngathi uma ngibatshela ngibakhombisa ukuthi lena yindlu yami bangitshela ukuthi bona baqashile abazi lutho.”

Uthe ngemuva kwalokho wazama waze wathola ukuthi ngubani oqashisa ngendlu yakhe.

“Ngazama ukuxoxisana naye ukuthi angibuyisele indlu yami kodwa wavele wavuka inj’ebomvu wangisabisa nangokungibulala. Ngemuva kwalokho wabe eseyidayisela omunye umuntu. Naye lowo muntu ngizwe kuthiwa useyidayisele omunye ezinyangeni ezintathu ezedlule ngemuva kokuzwa ukuthi sizothola amatayitela.

“Angisazi ukuthi kumele ngenze njani manje ukuze ngizothola usizo ngikwazi ukuthola indlu yami nami ngihlale ngokuthula nezingane zami. Into engisele nayo mina itayitela kuphela kodwa anginayo indawo yokuhlala,” kubeka yena.

Uthe selokhu adlelwa indlu yakhe yomxhaso usengumuntu ohamba eqasha.

“Ngiphila ngokudayisa erenki yamatekisi edolobheni bese ngisebenzisa leyo mali ukukhokhela umasitende ngiphinde ngizame ukuthi kulalwe kudliwe ekhaya. Ingiphatha kabi kakhulu le nto ngoba sengihambile kakhulu kaMasipala uMsunduzi kanye naseMnyangweni wezeZindlu kodwa angilutholi usizi.

“Inhliziyo yami ivuza igazi uma ngabe ngizogibela itekisi ihambe iyojika ngasendlini yami ngibona abantu behleli bekhululekile ekubeni mina ngingenayo indawo yokuhlala. Sengizamile ngisho nokuxoxisana nalowo okuthiwa indlu sekungeyakhe ngamukhombisa netayitela kodwa ungitshela ukuthi angeke yena aze aphume endlini engakayitholi imali yakhe athenge ngayo indlu,” kubeka uNkk Ngcobo.

Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni iKwa-Zulu-Natal uMnu Mbulelo Baloyi uthe kubaphatha kabi ukuthi kunomuntu onetayitela kodwa indlu yakhe ibe ihlala abanye abantu.

“Umama uyavela ohlelweni lwethu ukuthi wayithola indlu kodwa besingazi ukuthi ihlala abanye abantu. Lolu daba sizoluphenya sithole ukuthi kungabe kwaphambana kuphi,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.