Usebenzisa amakhadibhodi ukubaza

2016-10-05 06:00
PHOTO:nokuthula khanyile UQiniso Gwamanda

PHOTO:nokuthula khanyile UQiniso Gwamanda

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

LENZA ezibukwayo kwezobuciko ibhungu laseHoneyville elisebenzisa amakhadibhodi ukubaza izinto ezahlukene.

UQiniso Gwamanda (20) uthi uthando lwakhe kwezobuciko uqale ukulubona ngesikhathi benikwe iphrojekthi yokwakha indlu ngesikhathi efunda u-Grade 9.

“Ngakuthokozela kakhulu ukwenza leyophrojekthi esikoleni, ngabona ukuthi ngingenza okungcono, kusukela lapho angibange ngisabheka emuva. Bengilokhu ngiqhubekile ngakha izinto ngisebenzisa wona amakhalibhothi nopende.”

UQiniso uthi phakathi kwezinto asezakhihle iCity Hall, isikole sakhe esidala iCopesville High School, umgwaqo uChota Motala kanye nenkundla yezemidlalo i-Moses Mabhida.

“Nginesifiso sokubona umsebenzi wami sewaziwa izwe lonke futhi ngithole nendlela yokusebenzisana nezinkampani ezinkulu ezidweba imifanekiso yamabhilidi ngaphambi kokuba akhiwe,” kusho yena.

UQiniso uthe cishe kumthatha isikhathi esingangeviki ukuqeda umsebenzi uma esewuqalile.

“Ngihlale ngakha izinto ezintsha ngoba ngifuna ukubona ukuthi ikuphi okungangihlula.Ukwakha umgwaqo uChota Motala kwangithatha izinsuku ezinhlanu nje vo, ngathola isithombe sawo ku-internet ngabe sengihlala phansi ngawukhipha unjengoba unjalo.”

UQiniso uthi yize engaliphumelelanga ibanga leshumi ngonyaka owedlule unesifiso sokubuyela esikoleni ukuze acije ikhono lakhe.

“Ngiyafisa ukuya esikoleni sobuciko ngiyocijwa kabanzi ngomsebenzi wami.

Ngiyazama nokuthola izindlela zokuthi ngingabukisa kuphi ngawo ukuze ugcine ungenzela inzuzo okanye ngingenele imincintiswano.”

Omgqugquzelayo ukuthi aqhubeke nethalente lakhe nowabe enguthisha wakhe uMnuz Zakhele Hlatshwayo uthe uyafisa ukubona uQiniso ethola usizo.

“Unesiphiwo futhi ngiyafisa ukuthi athole usizo mhlampe agcine esekhombisa ngomsebenzi wakhe emazweni angaphandle.

Siyacela noma ngabe ubani obona ukuthi ithalente lakhe angalisebenzisa axhumane nathi.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.