Usephila ngokucela owaseZinketheni

2018-07-04 06:01
UNkk Gabisile Mhlungu ehleli ngaphandle kwendlu yakhe akhala ngokuthi iyanetha.PHOTO: lethiwe makhanya

UNkk Gabisile Mhlungu ehleli ngaphandle kwendlu yakhe akhala ngokuthi iyanetha.PHOTO: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISAGUGA saseZinketheni sithi impilo yaso seyiphenduke usizi lodwa njengoba sesiphila ngokukhangenza komakhelwane kanye nakumalunga omphakathi.

UNkk Gabisile Mhlungu (59) uthi inkinga yakhe yokuhlupheka kade yaqala kodwa isimo siqale ukwedlulela esikhathini esingangonyaka esedlule njengoba alimala umlenze wangasakwazi ngisho ukuhamba efuna amatoho.

Ekhuluma ne-Echo uNkk Mhlungu uthe kwesinye isikhathi kuze kumuphoqe ukuba alale engadlile ngenxa yokuthi kusuke kungekho khona ukudla.

Uthe : “Ngiyaye ngithola ukudla uma kukhona abantu abangizwelile abawomakhelwane bangilethela ukudla noma iphalishi ngikwazi nokuthi ngilale ngidlile.

“Isimo sami sempilo naso asikho kahle njengoba ngiwumuntu odla amaphilisi kodwa kwesinye isikhathi kuze kungiphoqe ukuthi ngingawaphuzi ngoba ngisuke ngingenayo into engizolala ngiyidlile.

“Uma ngibona ukuthi liyashona ilanga ayikho into engizoyidla ngivele ngiziphonse embhedeni ngilale nginjalo,” kubeka yena.

UNkk Mhlungu, ohlala yedwa emzini wakhe oyigumbi elilodwa, akanawo ngisho ugesi njengoba engenawo amandla okuwuthenga. Uthe ngisho indlu lena ahlala kuyona wasizwa ukuthi wakhalelwa abantu ababehamba bebheka abantu abanezindlu ezingekho esimweni kodwa manje inkinga ukuthi nayo iyanetha uma lina izulu. “Uma like lanetha nje ngilala khona kunjalo embhedeni umanzi.

“Uma kubanda futhi kungena umoya ngigodola kuze kuse.

“Ingane yami enginayo nayo yathola indawo yayo yokuhlala khona lapha eZinketheni kodwa futhi ayisebenzi iphila ngokubamba amatoho nawo abuye angabi khona.

“Uma kwenzekile kwakhona ekutholayo iyafika izonginikeza loko okuncane izame ukungithengela nokusampuphu.”

UNkk Mhlungu uthi into ayifisayo nje ukuthi abe nempilo efana neyabanye abantu.

“Angisakwazi ukuqhubeka ngiphile ngale ndlela.

“Njengoba ngibuye ngingawadli amaphilisi ngizogcina sengigula ngingabonwa nawumuntu njengoba ngiwumuntu ozihlalela yedwa.

“Uma nje ngingakwazi ukuthola okuya ngasethunjini ukuze ngizokwazi ukuphuza amaphjlisi zinsuku zonke ngiphinde ngithole ukulungiselwa indlu ngingajabula kakhulu,” kuphetha yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/World
 

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!

She may only have two legs, but that hasn’t stopped her from gaining thousands of adoring fans!

 

Paws

10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Just 10 cats hanging out in boxes - because they're awesome
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.