Ushaywe wabulawa obesolwa ngokweba

2019-02-27 06:00

USHAYWE umphakathi waze washona owesilisa obesolwa ngokweba umabonakude endaweni yaseMbali Unit 14.

Lona wesilisa obaziwa ngokuthi uMzwandile ‘Mathambo’ Ndlovu ushaywe wabulawa amalunga omphakathi akulendawo ngezintathakusa ngeSonto mhla zili-17 kuNhlolanja (February) ngoba umsolwa ngokuntshontsha umabonakude komunywe wemizi yase ndaweni.

Ngokuthola kwe-Echo lona wesilisa ubehamba nomngani wakhe ngesikhathi kwenzeka sonke lesi gameko.

Umngani wakhe yena kuthiwa ukwazile ukuphunyula wabaleke ngesikhathi sebeshaywa kodwa uMathambo yena ushaywe waze washona.

Ngokuthola ngomthombo othembekile we-Echo obukhona ngesikhathi kwenzeka lesi gameko kodwa ongathandanga ukudalulwa uthe umufi ubonwe ingane esebaleka nomabonakude ngemuva kokugqekeza.

Uthe umphakathi ube sewuhlaba umkhosi, kwaphuma wonke umuntu, wamuvimba wamushaya kwaze kwaba uyashona.

“Ayikho into akade engashaywa ngayo.Kukhona akade bephethe izinduku abanye bephethe izinsimbi kanye nobhushu.Indlela abelimele ngayo iyashaqisa kanti amalungu omzimba wakhe wonke bekungathi aphukile.

“Lo mfana ubasaziwa emphakathini ukuthi uyahlupha ngoba besekunesikhathi beyenza lento yabo kanti futhi bekungathi bantshontsha omabonakude kuphela laba ababizayo.Ngicabanga ukuthi umphakathi ubusudiniwe usukhathele uyena ngoba kwesinye isikhathi ubuyaye umbambe aboshwe kodwa aphinde adedelwe abuye azoqhubeka antshontshele umphakathi. Sekukaningi umphakathi uzama ukumubamba kodwa ephunyuka abaleke,” kubeka umthombo.

Uqhube wathi kwesinye isikhathi umufi ubesenakho ukuthi uma ngabe esegangile endaweni bese eyabaleka ahambe ayohlala edolobheni angabuyi ekhaya.

“Ubesephila impilo yobuphara[yobugebengu] njengoba ubehlupha umphakathi bese eyabeleka.”

Ikhansela lakule ndawo uNks Sindisiwe Gwala uvumile ukuthi uyazi ngalesi sigameko kodwa wathi abahambisani nokuthi umphakathi uzithathele umthetho ngezandla.

“Kubuhlungu ukuthi kugcine kwaze kwafika sekunjena ngoba amaphoyisa abizwa ngesikhathi umfana esashaywa kodwa angafika aze afika eseshonile.

Sihleli ke siwugqugquzela umphakathi ukuthi ungazithatheli umthetho ngezandla kodwa uma ngabe kukhona umuntu ogangayo amubonayo abize amaphoyisa ukuze ezokwenza umsebenzi wawo.Sisazoqhubeka siwugqugquzele umphakathi ukuba ungazithatheli umthetho ngezandla ngokusebenza nezinhlaka ezibhekele ezokuphepha endaweni,” kubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko.

“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kodwa bekungakaboshwa muntu,” kubeka yena.

Ngokuthola ngomthombo othembekile we-Echo obukhona ngesikhathi kwenzeka lesi gameko kodwa ongathandanga ukudalulwa uthe umufi ubonwe ingane esebaleka nomabonakude ngemuva kokugqekeza.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.