Ushaywe waphonswa ehlathini e-Copesville

2018-06-20 06:00
UMnuz Wandile Ndlela ngemuva kokushaywa aphonswe ehlathini elise-Copesville.ISITHOMBE: sithunyelwe

UMnuz Wandile Ndlela ngemuva kokushaywa aphonswe ehlathini elise-Copesville.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wesilisa waseNorthdale oshaywe wabe esephonswa ehlathini elise-Copesville uthi ubonga iNkosi ngokuthi bethole indodana yabo isaphila.

UMnuz Wandile Ndlela (25) kuthiwa waxabana neqeqebana labafana eNorthdale ngeSonto eledlule mhla ka-3 kuNhlangulana (June) nokwaholela ekutheni bamushaye baze bayomulahla ehlathini.

Ngokuthola kwe-Echo ngelinye ilungu lomndeni elingathandanga kudalulwe igama lalo lithe, uMnuz Ndlela wanquma ukuba ahambe aye e-Copesville ngemuva kwale ngxabano ngalo iSonto ngoba ethi ubalekela ‘ukukhuluma’.

Lithe wafonela umngani wakhe wamubikela ngosekwenzekile wabe esemutshela ukuthi uzofika azomuvakashela ekhaya lakhe e-Copesville kuze kube kudamba isimo lapho ehlala khona.

“Ngokuchaza kwakhe uthi labafana ayexabene nabo bamulandela ngezimoto ngesikhathi ehamba eya kubo kamngani wakhe. Uthe ngesikhathi ehla ekhumbini laba bafana babe sebeza kuyena bamudonsa bamushaya baqede bamuphonsa ehlathini elikhona e-Copesville. Samufuna ubusuku bonke ngesonto singamtholi ngemuva kokubona ukuthi sekuhambe isikhathi eside engabuyi ekhaya. Saze samthola ngoMsombuluko ekuseni equlekile emgwaqeni omkhulu ngakhona e-Copesville. Siyasola ukuthi babezitshela ukuthi bamushaye bamubulala noma babezitshela ukuthi uzoshona,” kubeka yena.

Uqhube wathi bengumndeni bahlalele ovalweni ukuthi laba bafana bangase babuye bazoqedela into abayiqalile njengoba kuthiwa sebeke babonakala bezungeza umuzi befuna yena uWandile kungakapheli ngisho usuku nje etholakele.

“NgoMsombuluko samuthatha uWandile samusa ekhaya sayomulungiselela ukuthi simuhambise esibhedlela kodwa sathi uma siphuma esangweni kwafika omunye wabafana owasitshela ukuthi singabe sisaphuma ngoba abafana laba abashaye uWandile bakhona ngaphandle bathi bafuna ukuzomuqedela. Sazama ukuhlala kancane kodwa sabuye sabona ukuthi ayikho into esiyihlalele saqunga isibindi saphuma samuhambisa esibhedlela. Sasizimisele ngokuthi uma siphuma esibhedlela siya esiteshini samaphoyisa i-Mountain Rise siyovula icala kodwa sagcina sesichitha usuku nobusuku bonke esibhedlela.

“Sathi sisahleli kwavele kwafika amaphoyisa athi azobopha uWandile ngoba kukhona abafana asebemvulele icala. Sabachazela ukuthi uyena oshayiwe kodwa bathi abanandaba nalokho akahambe naye ayovula icala. Bamulinda esibhedlela bahamba bayomuvalela enjalo esezinhlungwini ekhala.”

Uthe uWandile ube esevela enkantolo ngoLwesine nalapho ekade ebhekene khona necala lokushaya kodwa wadedelwa ngebheyili.

Uthe namanje bahlalele ovalweni njengoba kungenzeka umuzi wabo uhlaselwe yilabo abafuna ukuqedela uWandile.

“Sihleli naye ekhaya ngoba akukho lapho esizo muyisa khona futhi sifuna ukumusiza ngesikhathi elulama, kodwa ukukhuluma iqiniso asizizwa siphephile futhi sibona sengathi umthetho usilahlile.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.