Ushaywe washona osolwa ngokubamba inkunzi

2018-05-16 06:00

OWESILISA waKwaDambuza ushaywe wabulawa umphakathi ngoLwebili mhlaka-8 kuNhlaba (May) ngemuva kokusolakala ukuthi uphuce owesifazane umakhalekhukhwini endaweni yaseMbali Unit 3.

UMnuz Sphamandla Ngcobo (26) ushonele endaweni yesigameko ngemuva kokushaywa kanzima ekhanda ngamatshe nezinsimbi.

UMnuz Ngcobo ushaywe kwaqeda kwashiywa isidumbu sakhe sidindilizile sinqunu khona kulendawo.

Ngokuthola kwe- Echo ngomthombo wayo ohlala kule ndawo uMnuz Ngcobo ubefunwa phansi phezulu kusukela ekuseni ngosuku lwesigameko ngemuva kokuphutshuka kwezindaba zokuthi ubambe owesifazane waseMaqeleni inkunzi wamuphuca umakhalekhukhwini ekuseni ngoLwesibili.

“Umphakathi ubulokhu umfuna wabaleka wacasha ngaphansi kwetafula komunye umuzi khona eMbali Unit 3. Umnikazi womuzi uthe mayengena endlini ebona umufi wabe esememeza ethuswa yilomuntu osendlini. Yilapho-ke umphakathi umthole khona wabe usumthatha uyomshayela ngasemgwaqeni omkhulu wakuyo le ndawo,” kubeka wona.

Ngesikhathi i-Echo ifika endaweni yesigameko ifice isidumbu sikaMnuz Ngcobo sisadindilizile eduze komgwaqo simbozwe ngendwangu yetafula.

Amalungu omphakathi okusolwa ukuthi yiwona amushayile abengasabonwa nangokhalo kodwa bese kukhona malungu omndeni nama phoyisa.

UNks Winnie Ngcobo ongu-anti naMnuz Ngcobo utshele i-Echo ukuthi ubesekhaya ngesikhathi ebikelwa ngalesi sigameko. Uthe bewumndeni baphathe kabi kakhulu ngalesi sigameko futhi bafisa ukuthola izimpendulo zokuthi kungani indodana yabo ibulewe.

“Ngibizwe umfowabo kamufi ethi angizobona uSpha sebemshayile akazi noma ushonile noma uqulekile yini. Ngishiye yonke into ngaphuthuma endaweni yesigameko kodwa ngafika eseseshonile. Ubehlupha yena impela siyamazi kodwa besingekho isidingo sokuthi abulawe ngalesi sihluku abulawe ngaso. Ngeke size simphikele ngezenzo zakhe ezimbi ngoba besihleli sibikelwa njalo ngemikhuba yakhe.

Okusixakayo ngayo yonke lento nokusiphatha kabi ukuthi kuthiwa ubambe inkunzi owesifazane umakhalekhukhwini kodwa lowo makhalekhukhwini awuzange utholakale kuyena uma eseshayiwe. Ngisho izimpahla zakhe bezingekho asizazi ukuthi zishonephi njengoba simthole esenqunu nje. Siyafisa ukuyithola lentombazane ekuthiwa ibanjwe inkunzi ukuze izosichazela kahle ukuthi kusukephi kuze kufike ekutheni aze abulawe. Mhlawumbe lokho kuzosisiza ukuze sithobeke amanxeba,” kubeka yena

Uqhube wathi bekungaba ngcono ukube indodana yabo ayibulawanga kodwa inikelwe emaphoyiseni.

“Akekho umuntu ongathanda ukubona ingane yakhe ibulawa ngalolu hlobo ekubulawe ngalo uSpha. Siyafisa ukuthi sithole izimpendulo nomthetho futhi udlale indima yawo. “

Okhulumela amaphoyisa esiteshini i-Plessislaer uKapteni Musa Ntombela usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

“Akukho muntu oseboshiwe ngalesi sigameko kulandela ukushaywa kubulawe owesilisa eMbali Unit 3 nokusolwa ukuthi ushaywe umphakathi.

“Utholwe elimele kanzima ekhanda futhi nezingalo zakhe zombili bezephukile,” kubeka uKapteni Ntombela.

Ngibizwe umfowabo kamufi ethi angizobona uSpha sebemshayile akazi noma ushonile noma uqulekile. Ngishiye yonke into ngaphuthuma endaweni yesigameko ngafika eseseshonile. Ubehlupha yena impela siyamazi kodwa besingekho isidingo sokuthi abulawe ngalesi sihluku abulawe ngaso. Ngeke size simphikele ngezenzo zakhe ezimbi ngoba besihleli sibikelwa njalo ngemikhuba yakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.