Ushe wangqongqa nendlu owaseGomora

2019-07-10 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUMnu Mlungisi Basi ekhomba labo kade becosha khona amathambo nezicubu zalowo oshonile.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUMnu Mlungisi Basi ekhomba labo kade becosha khona amathambo nezicubu zalowo oshonile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USATHUKILE umphakathi wasendaweni yaseGomora ngaphansi kuka-ward 23 ngemuva kokuba kushe owesilisa wangqongqa nendlu ngezintathakusa zangoMgqibelo mhla zingama-29 kuNhlangulana (June).

UMnu Jabulani Shoba (25) nobengowokudabuka e-Underberg kuthiwa ushe wangongqa endlini yakhe laphokade eqashe khona kwaphinde kokheleka nezinye izindlu ezinhlanu ezingomakhelwane wakhe nazo ezishe zangqongqa.

Ngokuthola kwe-Echo uMnu Shoba kuthiwa ufike endlini lapho kade eqashe khona ngesikhathi zehora lesithathu entathakusa ephuma ukuyozijabulisa.

Ufike wacela ikhandlela kamakhelwane kwazise ugesi ubungekho kule ndawo njengoba uhlupha vele.

Ungene endlini wakhanyisa ikhandlela ngoba ethi ufuna ukubona kodw ikhandlela kwaba ilona eseligcina liyimbangela lokushona kwakhe.

UNks Nombuso Mchunu nobakhelene noMnu Shoba uthe abawuzwanga umlilo ngesikhathi uqala.

Uthe bezwa umsindo kungathi kuyagqekezwa babe sebe yavuka.

“Ngemuva kwaloko kwanuka intuthu sabe sesizwa into eqhumayo sazitshela ukuthi hlampe intambo kagesi kodwa sabuya sakhumbula ukuthi ugesi awukho. Ngemuva kwaloko sabona intuthu sathi uma siyaphuma sabona amalangabi eseqhamuka endlini yakhe. Sizamile ukumvulela umnyango sithi siyamsiza ukuthi aphume kodwa umnyango ubukhiyiwe ngaphakathi.

“Sazama ukushaya umnyango sithi siyawuvula kodwa ubungavuleki kunaloko uvele utsheka. Kwenzeka konke loku nje uJabulani ubekhala ngapahakathi ecela usizo. Ngesikhathi ku ngathi umnyango uyavuleka ubevutha amalangabi izindla zona sezingasekho. Sathi siyamubamba singaphandle siyamudonsa wavela wawela phakathi emlilweni washa waze waphela kwasala amathambo,” kubeka yena.

Uthe nabo bashelwe izimpahla kanye nendlu ngenxa yalesi sigameko. Uthe namanje usathukile kanti nasebusuku kusanzima nanokuthi alale ngenxa yento ayibonile.

“Bengiqala ukubona into enje ukuthi umuntu ashe aze aphele nje ingekho into esizomsiza ngayo. Ngisho ebusuku kusenzima ukulala ngoba ngisezwa ngisho ilizwi lakhe ememeza ecela usizo.”

Amanye amalunga omphakathi akhulume ne-Echo athi asathukile nawo ngoba uma kungukuthi indaba yenkinga kagesi ayilungiswa kuzoqhubeka kube khona izigameko ezifana nalezi.

UNks Janet Zwane uthe into eyenza ukuthi abantu baze bakhanyise amakhandlela ingoba bahlushwa inkinga kagesi. Uthe ugesi uyahamba izinsuku bengenawo nokube sekubaphoqa ukuba basebenzise amakhandlela.

“Akukona okokuqala ukuba kwenzeke isigameko esifana nalesi kulendawo. Khona la kulona leligceke kunomama naye owashona ngendlela efanayo washa wangqongqa nendlu kade ekhanyise ugesi ngoba sihlushwa ugesi. Asifuni ukuthi kuphinde kube khona izigameko ezifana nalezi ezizophinda zenzeke manje siayecelwa ukuba silungiselwe ugesi ukuzigwema,” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi uMnu Mlungisi Basi uthe : “Ibuhlungu lento esiyibonile ukuthi sibone umuntu eshona ngesihluku esingaka. Umuntu okade eyingane elungile ezisebenzela ondla umndeni wakhe futhi ezihloniphela.Uma kungukuthi ayilungiswa indaba kagesi kusho ukuthi sizophela siqedwa imililo,” kubeka yena.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Dumisani Phungula uthe bayazwelana kakhulu nemindeni elahlekelwe ikakhulukazi labo abalahlekelwe ilunga labo lemindeni.

“Sicela umphakathi onogesi nalabo ongenawo ukuba uqaphele kakhulu manje udba lwemililo njengoba sekuyisikhathi sasebusika.

“Sizocela osomabhizinisi abanozwelo kanye noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ukuba ulekelele kuleyomindeni ethintekile ekuyakheleni izindlu ezintsha,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.