Ushiswe isoka phambi kwezingane

2019-08-21 06:00

USINDE ngokulambisa owasifazane wasendaweni yaKwaZayeka eSweetwters ngemuva kokushiswa ngo-paraffin ngoLwesibili mhla zili-13 kuNcwaba (August) ebusuku.

Lona wesifazane kusolwa ukuthi ushiswe isoka lakhe akade ehlala nalo endlini ngemuva kwengxabano ebe khona.

Ngokuthola kwe-Echo lesi sigameko senzeke ngezikhathi zehora lesishiyagolunye ebusuku (9pm).

Lona wesifazane ongeke adalulwe igama lakhe kuthiwa ubenezingane zakhe ekhaya epheka isidlo sakusihlwa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo osondelene nesigameko kuthiwa ingxabano isuke ngesikhathi isoka libuza ukuthi obani akade bengqongqoza endlini ebusuku ngoMsombuluko mhla zili-12 kuNcwaba (August).

“Owesifazane uphikile wathi akazi ukuthi ngobani, isoka libe seliyadinwa lamushaya ngempana. Owesifazane ube esethatha ikhandlela ethi uzama ukushisa isoka lakhe kodwa wahluleka njengoba livele lamephuca ikhandlela,” kubeka wona.

Uqhube wathi ngemuva kwaloko lona wesifazane ube esedinwa ethatha u-paraffin ethi uzama ukuthela ngawo isoka kodwa wahluleka.

“Isoka libe selimuphuca isigubhu sika-paraffin lamuthela ngawo ekhanda labe selimuthungela ngomlilo lisebenzisa ikhandlela. Uphume endlini ngejubane esegqamuka amalangabi ekhanda ekhala ecela usizo, ngenhlanhla akashonanga ngoba bakwazile ukumucisha.”

Lona wesifazane kuthiwa ushe ubuso kanye nasemzimbeni.

Amalunga alo mphakathi athi akhathazekile kanti futhi asathukile ngezigameko ezenzeka kule ndawo.

“Indawo yethu esihlala kuyona isivele yaphenduka indawo yezilwane izigameko ezenzekayo ziyashaqisa. Ungamshisa kanjani umuntu ngo-paraffin ephila phambi kwezingane? Lezo zingane ezibone yonke lento yenzeka uzinikeza siphi isithombe ngabantu besilisa,” kubeka elinye ilunga lo mphakathi.

Elinye ilunga lomphakathi lithe :“Akukapheli ngisho isonto kade kubungazwa usuku lwabantu besifazane manje sekwenzeka into efana nalena.

“Kumele kube khona into eyenziwayo ukuvikela abantu besifazane. Ngisho kungabe kuthiwa bebebangani akekho umuntu onelungelo lokwenza into ebuhlungu kangaka. Siyafisa sengathi umthetho ungadlala indima yawo kulolu daba ukuze abantu abahlukumeza abantu besifazane bezofunda isifundo nabo ukuthi bangaphinde.” Imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilelela.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.