Usizi kuminza ingane eSobantu

2019-08-28 06:00
UKwandokuhle Mbuyisa ominze emfuleni eSobantu ngoMgqibelo.ISITHOMBE: sithunyelwe

UKwandokuhle Mbuyisa ominze emfuleni eSobantu ngoMgqibelo.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USADIDEKILE umndeni wakaMncube endaweni yaseSobantu kulandela ukuminza kwengane yakhona yomfana eneminyaka eyisithupha nje kuphela ngoMgqibelo ntambama mhla zili-17 kuNcwaba (August) emfuleni wakuyona le ndawo.

UKwandokuhle Mbuyisa nobefunda u-Grade 1 esikoleni samabanga aphansi i-Panorama kuthiwa uphume kade eyodlala nabangani bakhe emgwaqeni wangabe esabuya.

Ngokusho kukagogo wakhe uNkk Mafiki Mncube uthe uKwandokuhle waphuma ngoMgqibelo ngezikhathi zehora lokuqala emini engumuntu oyodlala nabangane bakhe emgwaqeni.

Uthe baze bathola umbiko ngezikhathi zehora lesikhombisa ntambama betshelwa umfowabo omdala kamngani kaKwandokuhle akade ephume naye beyodlala.

“Ingane yafika yathi naba bethi uKwando ungene emfuleni nokuyilapho ke esabe sesisukuma siya khona emfuleni.

“Kwaphuma umama wengane kuqala kanye nomfowabo. Umama wakhe wayehamba ehlaba umkhosi, amalunga omphakathi abe eseyaphuma egijima eya emfuleni eyozama ukumfuna.

“Asazi ukuthi wahamba ngasikhathisini ukuya emfuleni ngoba kwasekunesikhathi ehambile endlini sizitshela ukuthi uyadlala emgwaqeni. Ngesikhathi sifika thina emfuleni safika amalunga omphakathi esevele esegcwele emanzini eseqalile emfuna kwaze kwaba ayamthola ngaphakathi,” kubeka yena.

Uqhube wathi bengumndeni bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngoba kuningi akade besakubhekile kuKwandokuhle njengoba ebengumfana ohlakaniphile nasesikoleni.

Uthe abazi ukuthi yini eyenza ukuthi uKwandokuhle aze anqume ukuthi aye emfuleni ikakhulukazi ngoba izulu lalingelihle neze ngoMgqibelo.

“Indlela umntwana wami (umama kaKwandokuhle) aphuma ngayo la endlini ngangithi nje naye uyongena emfuleni. Wayephuma ehamba ememeza esho ukuthi ingane yakhe isemanzini ebuza obani abakwazi ukubhukuda abangamsiza.

“Ubengeve eyingane elungile uKwando ehleli egxumagxuma ethanda ukudlala. Ubenenhliziyo enhle ngelendlela yokuthi yonke into ubefuna ukuthi ayabele nabangane bakhe. Uma enemali ubethengela wonke umuntu uma ngabe imali ishoda ubefika azoyicela okanye ahlephule loko anako badle bonke.

“Mina bengize ngimbize nge-blesser ngendlela akade ephana ngayo.”

UNkk Mncube uveze ukuthi uKwandokuhle ubethanda ukugijima kanye nokudlala ibhola.Ube esebonga umndeni wakaMbuyisa kanye nomphakathi wonke waseSobantu ngokushiya konke abakwenzayo baphuthume bazosiza ukuzama ukutakula umfana emfuleni.

Lo mndeni uphinde waveza ukungenami ngokusebenza kwamaphoyisa njengoba uthi afika ezihlalela emotweni nokwathi uma ngabe befonela imoto yezidumbu yathatha amahora nayo ukuthi ifike.

“Umzimba wengane watholwa ngezikhathi zehora lesihlanu ntambama kodwa imoto yezidumbu yaze yafika sekushaye ngisho ihora lesishiyagalombili ebusuku sihleli nomzimba wengane eduze komfula.

“Nakhona ukuze ifike imoto umkhulu wengane waze wathatha imoto yakhe wahamba wayoyilanda kwayimanxa ifika. Ukube akazange ahamba hlampe ngabe yagcina ingafikanga,” kubeka elinye ilunga lomndeni.

Imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa esiteshi ayiphumelelanga, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.