Usizi kuminza ingane eSweetwaters

2020-01-22 06:01
ULindokuhle Mthembu, ominze emfuleni ezama ukubhukuda.ISITHOMBE: SITHUNYELWE

ULindokuhle Mthembu, ominze emfuleni ezama ukubhukuda.ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USAKHUNGATHEKILE umndeni wengane yomfanyana eminze emfuleni kade ithi iyabhukuda nabangani bayo ngeSonto mhla zili-12 kuMasingana (January).

ULindokuhle Mthembu (13) wasendaweni yase-Sweetwaters, eMadwaleni, kuthiwa uhambe waya emfuleni onesiziba owaziwa ngokuthi ikaNomncoyi okhona kule ndawo nezingane zakubo kanye nezakomakhelwane. Kade beyobuka abantu ababhukudayo kodwa naye wagcina esengene phakathi emfuleni ethi uyabhukuda wabe eseyaminza.

ULindokuhle ubezoqala ibanga lika-Grade 7 izolo (ngoLwesithathu) eSweetwaters Primary lapho kade efunda khona.

Ngokusho kukababomdala wakhe, uMnu Sandile Mthembu, uthe uLindokuhle bamugcina edlala nabangani bakhe emnyango ngezikhathi zehora lokuqala emini (1 pm) ngeSonto ngemuva kokuba sebeqede ukusika utshani ebaleni. “Besingazi nanokuthi sebehambile baya emfuleni thina kwaze kwaba kufika umfowabo omdala esezositshela useminzile emfuleni kade ethi uyabhukuda.

“Ngokuthola kwethu ngalabo ekade ehambe nabo ngesikhathi besuka ekhaya bahamba njengabantu abayobukela abantu ababhukudayo. Kwathi uma ngabe befika emfuleni, uLindokuhle wafica abangani bakhe akade efunda nabo esikoleni bebhukuda wabe esethi naye uyabhukuda ucela bamufundise,” kuchaza yena.

Uthe uLindokuhle ubengakwazi ukubhukuda vele kodwa ungenile emanzini, abangani bakhe bona abakwazi ukubhukuda, bamunikeza izigubhu ukuthi azifake phansi kwamakhwapha ukuze engeke aminze.

“Ngemuva kokuba esengenile kuthiwa kukhona oyedwa umngani wakhe ovele wadonsa izigubhu lezi akade ezisebenzisa ukufunda ukubhukuda wabe esevele uyaminza ke. Abangani bakhe akade ebhukuda nabo kuthiwa babalekile ngesikhathi sebebona ukuthi uyaminza. Laba akade ehamba nabo bazamile ukumsiza bamuphonsela induku ukuthi abambelele kuyona beme ngaphandle komfula kwazise abakwazi ukubhukuda nabo, kodwa behluleka njengoba nabo besebegcina bedonseka.”

UMnu Mthembu uthe ngemuva kokuba bezwe ngesigameko babe sebenikela khona bafica amalunga omphakathi, kodwa ingane yona ibisengaphansi emanzini.

Uthe ikhansela lendawo, uMnu Sbusiso Mtshali, ubasizile ngokubikela amaphoyisa, afike abheka, kodwa ase ebatshela ukuthi asayolanda lawa angena emanzini.

“Kube sekufika amanye amalunga omphakathi athe wona azongena phakathi amubheke ngesikhathi amaphoyisa esahambile. Bangenile ngaphakathi bamubheka bamthola kodwa ubeseshonile vele.

“Kunzima kakhulu ngoba kuningi ebesisakubhekile kuyena ukuthi akhule simbone enza izinto ezinhle. Kumanje ngesonto eledlule ubeyothengelwa izinto zesikole kodwa manje ngeke asakwazi nokuzigqoka,” kubeka yena.

Uqhube wathi namanje basathukile ngoba bebengazi nokuthi uLindokuhle uyahamba aye kobuka abantu ababhukudayo emfuleni.

“Omakhelwane abaseduzane nomfula basitshele ukuthi bebejwayele ukumbona nabangane bakhe besemfuleni kodwa basuke bengabhukudi bebukele abantu ababhukudayo. Okuxakayo futhi ukuthi leyandawo ikude asazi ukuthi yini ebeyibenza ukuthi baze bahambe baye khona,” kubeka yena.

ULindokuhle uchazwe njengengane ebezithulela futhi ekhululekile.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.