Usizi kwabangenawo amanzi

2020-03-25 06:03

INZIMA impilo kumalunga omphakathi wasendaweni yaKwaMpumuza njengoba bengenawo amanzi kompompi babo emakhaya.

Sekuphele isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili amanzi engekho kule ndawo.

Ngokuthola kwe-Echo ngamalunga omphakathi athe inkinga yamanzi iqale esikhathini esingaphezu kwenyanga esedlule.

Kuthiwa amanzi aqale aphuma kancane kwesinye isikhathi angabi khona empompini kwesinye isikhathi abe khona.

Kodwa lokhu kuthiwa kugcine ngokuthi angabi khona nhlobo.

Amalunga alomphakathi athi okubaxakayo ukuthi kukhona eminye imizi ekwaziyo ukuthola amanzi empompini nabathi abazi ukuthi kwenzeka kanjani lokho.

“Thina nje esingenawo amanzi sisizwa ukuthi sihambe siyocela kuleyomizi enamanzi aphumayo. Nakhona akusikona ukuthi wonke umuntu uyavuma ukuthi akukhise amanzi, uma ngabe engafuni akafuni ayikho nawe into ozoyenza,” kusho elinye ilunga lomphakathi.

Lo mphakathi uthi okubaphatha kabi kakhulu nokubadinayo ukuthi selokhu kwahamba amanzi akufiki ngisho iloli eliletha amanzi, lokho okubaphoqa ukuthi bazibonele ukuthi bawathola kanjani. Indawo yakaMpumuza ingenye yezindawo eziningi ezinenkinga yamanzi ngaphansi komasipala uMsunduzi. Ezinye izindawo ezinenkinga kubalwa iNhlazatshe Henley kanye nezinye.

Lo mphakathi uthi ukhathazekile ngezimo zawo zokuphepha njengoba bengeke bekwazi ukulandela imiyalelo kahulumeni yokugeza izandla njalo ukuze bazivikele ekuthelelekeni ngegciwane iCoronavirus kwazise abanawo amanzi. Okhulumela umasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha akazange aphendule imibuzo athunyelelwe yona kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.