Usola ubudedengu bodokotela owalimala esinyeni eyobeletha

2016-10-12 06:00
          PHOTO:   nokuthula    khanyile UNksz Phindile Shezi

PHOTO: nokuthula khanyile UNksz Phindile Shezi

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ezimathonsi owesifazane wase-Mbali Unit 14 othi ufuna ukumangalela isibhedlela sase-Edendale ngomonakalo owenzeka kade eyobeletha.

UNksz Phindile Shezi (32), uthi wayoyobeletha amawele ngenyanga kaNdasa nonyaka ngesikhathi udokotela owayembelethisa emlimaza esinyeni sakhe.

“Ngabeletha ngenyanga yesikhombisa, ngesikhathi ngifika esibhedlela kwase kuphuthuma kakhulu odokotela bangitshela ukuthi kuzofanele ngiye kohlinzwa ethiyetha ukuze kukhishwe izingane zingaze zishone.”

Uthi waphaphama esefakwe isigubhu somchamo emuva kokubeletha kodwa wanganaka njengoba kuyihlalayenza komama abasanda kubeletha.

“Inkinga iqale ngesikhathi odokotela sebesola ukuthi kungenzeka kukhona okungahambi kahle ngoba emuva kwezinsuku ezimbili isigubhu somchamo sasisagcwele igazi.Ngabe sengithathwa ngayiswa emshinini wokuhlola esinyeni ngaphakathi kwatholakala ukuthi kunoketshezi olukhona phakathi kwesinye nesibeletho.”

Uthi odokotela bamtshela ukuthi kungenza ulimale ngesikhathi ebeletha.

“Babe sebengidlulisela egumbini labantu abagula kakhulu ngoba nami ngangizizwa ukuthi ngiyagula, ngingasakwazi nokuziyela endlini encane. Ngaphinde ngayiswa ethiyetha futhi ukuyolungiswa umonakalo esinyeni.

Ngahlala e-ICU izinsuku ezinhlanu ngemuva kwalokho, ngathi uma ngiphaphama abahlengikazi bangitshela ukuthi isimo sami sasibucayi kakhulu base bebona ngemishini engangixhunywe kuyo ukuthi ngisaphila.”

UShezi uthi wahlala isikhathi esingangenyanga nesonto esibhedlela ngoba umthungo wakhe wawuqhuma njalo uphuma nomchamo ungafuni ukuphola.

“Sengibuyele ekhaya ngo-Mbasa ngathi ngiya endlini encane ngezwa kunento elengayo kumina uma ngichama. Ngazitshela ukuthi amahlule egazi kodwa ngathi uma ngidonsa kwaphuma ipayipi elide la-plastiki,” kusho yena ekhala.

Uthi wathi uma ebuyela esibhedlela eyobuza ukuthi ipayipi elani, udokotela aqondana naye wamtshela ukuthi wafakwa lelipayipi ukuze izinso zakhe zikwazi ukusebenza.

“Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi lelipayipi lafakwa ngaphandle kwemvume yami. Mangichama ngathi ngingahayiza ngenxa yobuhlungu obudalwa yilo lelipayipi, angisakwazi ngisho ukuzikhulula endlini encane kufanele ngisebenzise uchatho.”

Uthe odokotela bamtshela ukuthi kufanele abuye mhlaka 19 ku-Ncwaba ukuze ezokhishwa elinye ipayipi elasala ngaphakathi kuyena ngoba kwakufakwe amabili.

“Nginezilonda esinyeni sami futhi odokotela bathi sekunobuthi.Uma ngiya esibhedlela ngifuna ukukhuluma nodokotela owangibelethisa ukuze ezongichazele ngokwenzeka bangitshela ukuthi ngeke ngikwazi ukumbona kodwa angibhale incwadi bazoyidlulisela kuyena.”

Uthe isibhedlela silokhu sithembisa ukuthi sizohlela umhlangano abizwe lodokotela ukuze kucace ukuthi kwenzekani ngesikhathi elimala kodwa lokho kugcina kungenzekanga.

“Wangibulala lodokotela, angiselutho mina manje, noma ngihleli umchamo usuyaziphumela. Uma ngike ngaphuza ujusi okanye ngadla utamatisi angilali ebusuku kuvele kube sengathi ngiyasikwa kudingeke ukuthi ngifonele imoto yeziguli izongithatha ingise esibhedlela. Sengihlaselwe nayinkinga yokukhohlwa, ngiphathwa isiyezi. Isimo sempilo yami asisafani, sengize ngehla nasemzimbeni,” kusho yena ehlengezela izinyembezi.

UShezi uthe yize loludaba eselufake kubammeli abesibhedlela i-Edendale bayanqaba ukumnika amafayela akhe ukuze luzoqhubeka ludluliselwe enkantolo.

“Seziphelile izinyanga ezintathu ummeli ecela ifayela lami esibhedlela kodwa bayanqaba nalo. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi bayazi ibona abenza iphutha. Ngisho ngihambele esibhedlela ngiyohlolwa bathumela onogada ukuthi bangiqaphe ukuze ngingaphumi nalo ifayela.”

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni u-Agiza Hlongwane ucele ukunikwa inombolo kaShezi yasesibhedlela ukuze aphenye kabanzi ngaloludaba.

UShezi uthe kwatholakala ukuthi usenezilonda esinyeni nobuthi obuyingozi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.