UStibobo uzokhipha ingoma entsha

2018-10-31 06:01
Senzo Mbeje owaziwa ngelika‘Stibobo’.ISITHOMBE : SITHUNYELWE

Senzo Mbeje owaziwa ngelika‘Stibobo’.ISITHOMBE : SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGEMUVA kweminayaka emihlanu engakhiphi lutho umculi we-house nophinde abe ngu-Deejay (dj) ,uStibobo, ogama lakhe langempela nguSenzo Mbeje uzokhipha ingoma yakhe esihloko sithi Summer Love.

Le ngoma izophuma kusasa, mhla zingama-26 kuMfumfu (October).

Exoxa ne-Echo uStibobo uthe ubone sekuyisikhathi sokuba akhiphe izingoma futhi ukuze abantu bezokwazi ukuthi usakhona. Uthe lena yingoma yakhe yokuqala abuyela ngayo ekukhipheni izingoma ngemuva kwesikhathi eside.

“Ngifuna abantu bazi ukuthi ngisakhona emculweni kwazise bese siside isikhathi ngingakhiphi. Enye into futhi ukuthi sengifuna ukuqhubeka ngiphinde ngihambe umhlaba wonke ngisabalalise umculo wami.

“Lena yingoma emnandi kakhulu futhi nginethemba lokuthi abantu bazoyamukela kahle bazi nokuthi sengibuyile ekukhipheni izingoma,” kubeka yena.

UStibobo uphinde waveza ukuthi kumanje usematasa wenza enye ingoma yakhe yesibili nathi izoshisa kakhulu njengoba ethi izoba uhlobo lwengoma yalezi ezithandwa kakhulu manje. Uthe uhlela nokushutha i-music video yayo le ngoma ngenyanga kaZibandela ukuze izokwazi ukuthi igcine isidlala kumabonakude nayo.

Ngaphandle kokukhipha le ngoma nokuhlela ukuyishuthela i-music video uStibobo uzophinde agubhe iminyaka emihlanu asungula umcimbi waminyaka yonke owaziwa ngokuthi Umgungu Zwakala Picnic nobanjwa njalo mhla zili-16 kuZibandlela (December).

“Ngijabulile kakhulu ukuthi kulo nyaka ngizobe ngigubha iminyaka emihlanu ngawuqala lo mcimbi nokuyinto enkulu kumina. Lena akusiyona into encane ongayithatha kalula nje.

“Ngesikhathi ngiyiqala yayijwayele ukuba nabaculi balana eMgungundlovu kuphela ngoba nabo ngangifuna ukubanikeza ithuba lokuthi bazibonakalise kodwa kulo nyaka njengoba ngizobe ngiguba iminyaka emihlanu izobe isezingeni elicokeme kakhulu.

Kuzobe kukhona nabaculi bangaphandle okubalwa kubona u-K.O kanye nabanye engingeke ngize ngikwazi ukubadalula manje,” kubeka yena .

Uthe amathikithi akulo nyaka azotholakala e-Computicket maduzane ngemali engu-R250 umuntu ngamunye kanti i-VIP yona izoba u-R350, okubalwa kuwona neziphuzo kanye nendawo ephephile yokupaka izimoto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.