Utholwe efile onqunywe umqala

2019-12-11 06:00
Kungesikhathi kuthathwa isidumbu salowo otholwe endaweni yokulahla udoti.ISITHOMBE: moeketsi mamane

Kungesikhathi kuthathwa isidumbu salowo otholwe endaweni yokulahla udoti.ISITHOMBE: moeketsi mamane

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSEYINDIDA ukutholakala kwesidumbu somuntu wesilisa endaweni yokulahla udoti yakamasipala uMsunduzi i-Landfill Site

Isidumbu sowesilisa obekungakacaci ukuthi ungubani, sitholwe onogada abasebenza kuyona lendawo ngoLwesibili ekuseni.

Ngokuthola kwe-Echo isidumbu salona wesilisa sitholwe snqunywe uqhoqhoqho namehlo womabili ekhishiwe.

Ngesikhathi i-Echo ihambele le ndawo ngoLwesibili ifice onogada abesebenza kule ndawo besakhungathekile ngenxa yalesi sigameko.

Onogada abakhulume ne-Echo bathe basashaqekile kanti futhi basathukile bayasaba.

“Thina sifike ekuseni sizongena emsebenzini ngehora lesithupha safika satshelwa ukuthi kunesidumbu somuntu esitholakele, sabe sesiyahamba siyobheka.

“Asikaze sisibona isihluku esinje. Lowamuntu ubulawe ngesihluku esibi nesinyantisa igazi. Kumanje sisathukile sididekile asazi ukuthi ubani ongenza into ebuhlungu kanje,” kusho omunye wonogada.

Labonogada baqhube bathi bayakholelwa ekutheni lomuntu otholakele ubulawele kwenye indawo wabe esezolahlwa lapho kulahlwa khona udoti.

“Ukube lowamuntu ubulawele kule ndawo bekuzobonakala lapho kade ebhilita khona bezama ukumnquma uqhoqhoqho ngoba phela akekho umuntu ongavele avume nje ukubulawa.

“Ngisho negazi belizobonakala ligcwele phansi okushoyo ukuthi ubulawele lapho etholakale khona. Umuntu nje owenze loku ufike esozomulahla la lomuntu ngemuva kokuba esembulalile.”

Baqhube bathi bahlalele ovalweni ngoba akusiyena umuntu wokuqala otholakale ebulewe kule ndawo seloku kuqale unyaka. Bathe inkinga enkulu ukuthi lendawo ayinakiwe futhi inezintuba eziningi nokwenza kube lula ukuthi abantu bazingenele bazenzele umathanda.

“Ziningi izindawo ezingopotsho zokungena kule ndawo ezingalungisiwe nesikholelwa ukuthi abantu abasuke bezogila imikhuba la basebenzisa zona. Uma umasipala ungaqala uyisukumele le ndawo uyinake uzikhathaze nangokuphepha kwabantu abakhona ngaphakathi kungangcono kakhulu.

“Abantu bazenzela umathanda la ngisho ebusuku ngoba akukho ngisho ilambu elilodwa elikhanyayo. Ngisho izimpilo zethu njengabasebenzi ngaphakathi aziphephile ngoba kungangena abantu ngopotsho basihlasele singaboni. Ngendlela ekungaphephile ngayo njalo uma ngabe senza umsebenzi sihamba ngamaqoqo,” kubeka unogada.

Okhulumela umasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha uthe bayazi ngalesi sigameko.

“Lolu sekuwudaba lwamaphoyisa sizoyeka uphenyo ukuba luqhubeke. Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kumndeni kanye nabangani balowo oshonile,” kubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese uthe amaphoyisa apheya icala lokubulala. Akukakaboshwa muntu.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.