Uthukuthele umzali womfundi oshaywe uthisha ngempama

2018-03-21 06:01

UNINA womfundi wakwa-Grade 3 oshaywe ngempama uthisha wakwesinye sezisikole ezisedolobheni laseMgungundlovu ufuna uMnyango wezeMfundo umthathele izinyathelo lo thisha.

Lo mfundi oneminyaka eyi-8 kuthiwa ushaywe uthisha ngoLwesibili olwedlule mhla zili-13 kuNdasa (March) ngoba enze iphutha ngesikhathi emakela omunye umfundi umsebenzi wasekilasini.

Ngokusho kukanina wengane ongeke aze adalulwe igama lakhe ukuvikela ingane, uthe ingane yakhe imutshele ukuthi bebenikezwe umsebenzi wase kilasini, okuthe uma sebewuqedile kwathiwa abashintshane ngezincwadi abebebhala kuzona ukuze bezomaka izimpendulo.

“Uthi yena uthole incwadi yomfundi obebhale ngesandla esingabonakali kahle wabe esemaka ukuthi impendulo akuyona ekebeni kuyiyona.

“Uthisha ube esebheka incwadi wambuza ukuthi kungani emake ukuthi impendulo akuyona nokuyilapho emushaye khona ngempama phambi kwabanye abafundi .

“Ubuye esikoleni isihlathi sibovu sivuvukele ngamuhambisa kadokotela ngoLwesithathu mhla zili-14 kuNdasa ( March) kodwa udokotela wathi awukho umonakalo odalekile. Ngibikile ehhovisini loMnyango wezeMfundo ngoba ngifuna ukuba lo thisha athathelwe izinyathelo,” kubeka yena.

Uqhube wathi kuyimanje ingane iyasaba ukuya esikoleni ngemuva kwalesi sigameko futhi ithi ayisafuni ukuqhubeka ifunde kulesi sikole.

Uphinde waveza ukuthi bekungasikhona okokuqala ukuthi lo thisha ashaye ingane yakhe ngempama.

“Ngonyaka ophelile wayishaya ngempama kodwa ayizange ingibikele, yangitshela sekudlule izinsuku ezimbili. Angikwazanga ukuthi ngihambe ngiyobika esikoleni noma kuMnyango wezeMfundo ngoba ngangingenabo ubufakazi kwazise kwase kudlule isikhathi lento yenzekile.

“Ziningi izingane zakulesi sikole ezishaywa ilo thisha ngezimpama kodwa abazali bazo bangaphumeli obala.

“Ngawo futhi unyaka ophelile kunengane eyashaywa uyena lo thisha kodwa ngathi mangibuza umzali wayo kungani engawubikeli uMnyango wezeMfundo ngalokhu wathi wahlangana nothishanhloko walesi sikole udaba seludlulile.

“Ngazitshela ukuthi lento iphelile ngeke iphinde yenzeke.”

Uthe nakuba ingane yakhe ithi ayisafuni ukufunda kulesi sikole ayikho into azoyenza njengoba unyaka usugamenxe okwenza kube nzima ukuthi ayitholele esinye isikole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Sicelo Khuzwayo uthe umnyango usaqhuba uphenyo kanti uyakuqinisekisa ukuthi uma kutholakala ukuthi kukhona okuphambene nomthetho kunezinyathelo abazozithatha.

“Sifuna ukukubeka kucace ukuthi asihambisani nokudlame ezikoleni kungabe lubhekiswe kumfundi noma kuthisha.

“Ngeke size sikumele ukuhlukunyezwa kwezingane ezikoleni ingakho sizinika isikhathi esanele sokuphenya,” kubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSeargant Mthokozisi Ngobese uthe alikho icala elivuliwe kodwa wathi uyanxusa ukuba baye esiteshini samaphoyisa bayovula icala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.