Uvalo kubulawa abayisithupha eSigodini

2019-09-04 06:01
UNks Nobuhle Zondi naye odutshulwe wabulawa.IZITHOMBE: zithu­nyelwe

UNks Nobuhle Zondi naye odutshulwe wabulawa.IZITHOMBE: zithu­nyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UHLALELE ovalweni umphakathi wasendaweni yaseSigodini naseMgodini e-Edendale kulandela ukudutshulwa kubulawe abantu abayithupha ezigamekweni ezahlukene ngoMgqibelo mhla zingama-25 kuNcwaba (August).

Abadutshuliwe u-Azola Dlamini (25) obehlala eSigodini, Lungisani Shezi (24) waseSigodini, Thabani Gumede (38) waseMgodini, Thamsanqa Shange (59) waseMgodini, Nobuhle Zondi (45) waseSigodini kanye no Mzwakhe Mdlalose waseSigodini. U-Dlamini udutshulwe washona esendlini lapho kade ehlala khona nesoka lakhe uSphesihle Kheswa okumanje olwela impilo yakhe esibhedlela, uShezi yena udutshulwe eSigodini kade ehla ekhumbini ephuma edolobheni, uGumede, Shange kanye noZondi bona badutshulwe eMgodini kade besesitolo esisendawe okuthiwa ikaDinangwe bese kuthi uMdlalose yena udutshulwe ekhaya lakhe kade ephuma ukuyongcwaba ubaba wakhe.

Lezi zigameko kuthiwa zenzeka phakathi kwesikhathi esingaphansi kwamahora amathathu.

Ngezikhathi zehora lesithupha kuqale kwadutshulwa uMdlalose, ngemuva kwemizuzu engama-45 kwabe sekudutshulwa uGumede, Shange kanye noZondi esitolo, ngezikhathi zehora lesishiyagalombili kube sekudutshulwa uShezi kanye no-Dlamini ezigamekweni ezahlukene.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo wayo kule ndawo ongathandanga ukudalulwa uthe loku bulawana kuhlangene nodlame lwamatekisi kule ndawo. Umthombo uthe lolu dlame sekulunesikhathi luqhubeka kanti ludalwa abanikazi bamatekisi abangenayo imvume abafuna ukulayisha endaweni ngo ‘dli’. “Akuphephile endaweni nathi siyasaba ngoba asazi ukuthi ubani ozolandela njengoba isimo simanzonzo kanje,” kubeka yena. Omunye umthombo okhulume ne-Echo uveze ukuthi ukubulawa kwabantu ngempelasonto bekuqondiswe kofakazi bama cala ahlangene nodlame kulendawo.

“Bonke abantu ababulewe ngempelasonto abantu abangofakazi emacaleni odlame lwamatekisi kule ndawo. Abadubulekile bengasibona ofakazi ingoba bebesendaweni ekungayona ngesikhathi okungasona,” kubeka wona.

Ngesikhathi i-Echo ihambele le ndawo ngoMsombuluko bekushaya umoya emgwaqeni abantu bezivalele ezindlini ngoba bethi besabela izimpilo zabo.

Esitolo kaDinangwe lapho kwenzeke khona isigameko sokudutshulwa kwabantu abathathu khona bekusavaliwe kanti bekukhona namaphoyisa akade eme ngaphandle.

Amalunga emindeni alabo abashonile akhulume ne-Echo athe asathukile ngemuva kwalesi sigameko. UMnu Bongani Zondi ongumfowabo kaNobuhle uthe udadewabo ubesesitolo lapho kade esiza khona omunye umfowabo (Bongani) ngokudayisa.

Uthe nakuba bengenalo ulwazi olugcwele mayelana naloku kuhlaselwa abakwaziyo ukuthi ababulali bagasele esitolo bavulela ngenhlamvu badubula abantu abathathu okubalwa kubona noNobuhle. “Ingane yasekhaya ibiyingane nje ebeyizidayisela akusiyona nje ingane engingathi ibingena kulezi zinto zemibango uma ngabe kukhona okubangwayo. Okubuhlungu kakhulu ukuthi bayidubule isisegumbini lokugcina impahla ingaphansi kwetafula nokukhombisa ukuthi ibibaleka isicashile. Ngokuba singenaso isiqiniseko okwamanje ukudutshulwe kangaki kodwa amagobolondo ezinhlamvu esiwatholile lapho kade ecashe khona ayisithupha.

“Simthole eguqile ekhombisa ukuthi ubesengumuntu okade ecashile. Isiphethe kabi lento ngoba phela thina asazi lutho asazi nokuthi kungani ebulewe,” kubeka yena. Uthe ababulali abagcinanga nje ngokudubula babulale kuphela kodwa baphinde bathatha nemali ekade ikhona emshinini wemali.

Umama kaShange ongazidalulanga igama uthe uhlukane naye ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi eya emsebenzini wabe esethola umbiko wokuthi usedutshuliwe. “UThamsanqa ubengumuntu vele ojwayele ukuya esitolo.

“Ubezithulela nje. Ibuhlungu lento kanti nezingane zakhe zishayekile kakhulu ngalesi sigameko,” kubeka yena. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uziqinisekisile izigameko. Uthe amaphoyisa aphenya amacala okubulala.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Mxolisi Kaunda uveze ukuthi sekuboshwe abantu abane ngalesi sigameko. Esitatimendeni asikhiphe ngoLwesibili, uKaunda unxenxe amaphoyisa ukuba aqinise ekufuneni abasolwa ababili abasele.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.