Uvalo ngentuthu e-Landfill site

2019-10-16 06:03
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaBekunzima kumlilo odonse izinsuku ezintathu ungacisheki.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaBekunzima kumlilo odonse izinsuku ezintathu ungacisheki.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wasendaweni yaseSobantu oseduze nendawo yokulahla udoti waseMsunduzi neyaziwa ngokuthi i-New England Landfill Site uthi umasipala kumele kube khona ngodaba lokuthungeleka kwalendawo ngomlilo.

Loku kulandela umlilo onamandla oqubuke kusukela ngoLwesine olwedlule mhlaka-3 kuMfumfu (October) kwaze kwashaya iSonto usavutha.

Idolobha lonke laseMgungundlovu belimbozwe intuthu impelasonto yonke ngenxa yomlilo odonse izinsuku ezintathu.

Kuze kwaphoqa ukuba ngoMsombuluko ezinye izikole eziseduzane nalendawo zivale ngoMsombuluko ngenxa yentuthu ebeyisabhebhetheka.

Abahlali baseSobantu abathintekile kakhulu ilentuthu batshela i-Echo ukuthi abazange bakuthole ukuphumule ngempelasonto behlukunyewa ilentuthu nabathi ibivele ingene ezindlini kube mnyama kungabonakali. Ngaphandle kwaloko bakhala ngokuthi basabela nezimpilo zabo ukuthi bazogula ngenxa yalentuthu.

UNks Buhle Msomi uthe ngisho izimpahla ezisendlini kuze kube imanje zisanuka intuthu.

“Mina ngivele ngiziphathelwa isifo sofuba ngihlalele ovalweni ukuthi le ntuthu umuntu akade eyihogela impelasonto yonke izongigulisa.

“Besingakwazi ngisho ukwenzani, ebusuku kona ilapho bekuyinkinga khona kakhulu. Ubuvele usathi usalele uvele ubona intuthu isigwele indlu kukuphoqe ukuthi uvuke ushaywe umoya ukuze ungayihogeli kakhulu. Ngisho izingane besesizivalela endlini zingaphumeli emnyango ngenxa yale ntuthu,” kubeka yena.

Uthe ngeSonto ilapho intuthi kade ibhidlange khona kakhulu.

“Ngisho izimpahla ekade siziwashile ziyanuka kusafanele siqale phansi siziwashe. Asikwazi ngisho ukuthi sizithathe sizifake endlini ngoba ziyanuka zonke kudingwa ukuqalwa phansi,” kusho yena.

Ngaphandle kwentuthu ebeyixhela abantu yonke indawo, nezimpukane kanye nezimbuzane nazo bezingazibekile phansi njengoba kade zibalekela emizini yabantu zisuka khona lapho kade kusha khona.

“Bekunzima nokuthi wenze ukudla udla ngoba besibhuzelwa izimpukane. Kufanele kube khona into ekumele eyenziwayo ngalemililo eyenzekayo lapha ngoba igcina isihlukumeza abantu abaningi.

“Siyayazi lendawo yokulahla udoti kade yaba khona kodwa bekungabi nje kanye ukuthi kube khona imililo evutha izinsuku ezingaka negcina isihlukumeza abantu abaningi abangahlangene.

“Seyiminingi iminyaka sikhula sibona ukushintsha kule ndawo kodwa siyabonga engathi ushintsho lwakhona alulungile. Kushiswa imililo kanti kudala kwakuqoqwa kahle udoti kube khona ogeleja abayilungisayo le ndawo ayi ukuthi kushiswe kanje,” kusho elinye ilunga lomphkaathi.

Okhulumela uMasipala uMsunduzi uThobeka Mafumbatha uthe bengumasipala bayaxolisa kumalunga omphakathi ahlukumezekile ngenxa yalomlilo.

“Umasipala usujube ithimba labezicisha mlilo eliphuma kuMsunduzi kanye nomasipala wesiFunda uMgungundlovu.

Uthe abacishi mlilo baqale ukucisha umlilo ngolwesihlanu.

“Umasipala usubambe umhlangano noMnyango wezeMvelo ukuqhamuka nesu elisimeme lakule ndawo,” kubeka yena.

Uthe baphinde bajuba nemenenja ezobhekelela le ndawo ngako konke okwenzekayo kuyona kanye nesu lokusimama kwayo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.