Uvele enkantolo osolwa ngokubulala

2018-07-11 06:01
Bongani Mncwabe appeared briefly in the Pietermaritzburg Magistrate’s Court yesterday for allegedly killing Farhad Manjoo in a road rage incident at the weekend. PHOTO: Nhlanhla Nkosi

Bongani Mncwabe appeared briefly in the Pietermaritzburg Magistrate’s Court yesterday for allegedly killing Farhad Manjoo in a road rage incident at the weekend. PHOTO: Nhlanhla Nkosi

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USAZOBHADLA esitokisini owesilisa osolwa ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala nokusolwa ukuthi bekubangwa khona ukushayelisana kabi emgwaqeni.

UMnuz Bongani Mncwabe ubevele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko mhla ka-2 kuNtulikazi (July) ebhekene necala lokubulala uMnuz Farhaad Manjoo kanye nelokuzama ukubulala uMnuz Rajesh Aumsdew.

Icala lakhe libe selihlehliselwa mhla zili-13 kuNtulikazi (July) ukuze ezofaka isicelo sebheyili.

Lesi sigameko senzeka ngoMgqibelo mhla zingama-30 kuNhlangulana (June) ekhoneni lomgwaqo u-Pietermaritz Street kanye no-Piter Kerchoff Street edolobheni laseMgungundlovu.

Lowo omele umbuso uNkk Rene Padayachee uthe uyaphikisana nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili wabe esecela ukuba lihlehliswe icala.

“Kunezinto umbuso ongahambisani nazo kwidokodo lecala. Umphenyi waleli cala u-Warrant Officer Khumalo kodwa kunencwadi efungelwe efakwe u-Detective Constable Molefe othi akaphikisani nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili ngoba wazinikela yena emaphoyiseni.

“Kunesinye futhi isitatimende esibhalwe elinye iphoyisa esithi liyaphikisana nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili,” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi ukuphepha kofakazi balesi sigameko akuqinisekisiwe futhi nemininingwane yakhe umsolwa ayikakaqinisekiswa.

Ummeli kamsolwa uMnuz Phumlani Fakude uthe umsolwa kumele adedelwe ngebheyili ngoba wazinikela yena emaphoyiseni ngemuva kwesigameko ayezitshela ukuthi esokudunwa imoto.

“UMnuz Mncwabe wazinikela yena emaphoyiseni emva kwesigameko ayezitshela ukuthi ngesokudunwa imoto. Wathatha namaphoyisa wahamba nawo wayowakhombisa lapho kwenzeke khona isigameko,” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi umsolwa akanawo amacala awahambayo futhi akanawo amacala ake amalahla ngaphambilini.

UNkk Padayachee ukuphikisile obekushiwo uMnuz Fakude ukuthi umsolwa wayezitshela ukuthi udunwa imoto ngesikhathi sesigameko.

“Umbuso kunamanye amaqiniso ekusamele uwaphenye. Uyaphikisana ngokugcwele ukuthi umsolwa wayezitshela ukuthi udunwa imoto.

“Ngokobufakazi umbuso onabo bukhomba ngokusobala ukuthi lesi kwakuyisigameko sokushayelisana kabi emgwaqeni.”

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko uMnuz Manjoo kanye nabanye abangani bakhe babephuma emsebenzini eKismet Hotel nalapho kade eyimenenja khona kanti babesendleni kuyobheka omunye umsebenzi wokuhlobisa ngesikhathi bebandakanyeka engxabanweni nowesilisa abangamazi.

Kwaqhuma inganono kabili kwase kudubuleka uMnuz Manjoo esifubeni washona kwalimala noMnuz Aumsdew.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!

South African tennis player and 2018 Wimbledon finalist Kevin Anderson has a large pool of loyal fans but among the most noticeable is his adorable dog Lady Kady – who even has her own instagram account.

 

Paws

Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.