Uvele enkantolo osolwa ngokubulala abangani

2019-09-11 06:01

USAZOBHADLA esitokisini owesilisa osolwa ngokudubula abulale abangani abathathu okubalwa khona nephoyisa lomgwaqo laka masipala uMsunduzi ngemuva kokuba elaxaze isicelo sakhe sebheyili.

UMnu Thabani Dlamini (28) waseMbali Unit 3 ubevele eNkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu mhla zingama-30 kuNcwaba (August).

Umsolwa ubhekene namacala amahlanu, okubalwa kuwona amathathu okubulala, elokuzama ukubulala kanye nelokubamba inkunzi. Umsolwa kuthiwa wadubula wabulala uMnu Muzovela Gwala, Nkosinathi Zondi, Fortune Nhlanhla Zibula, wabe esedubula elimaza uMnu Welcome Sbusiso Mtshane nowasinda ngokulambisa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Lesi sigameko senzeka mhla ziyisishiyagalolunye kuNdasa (March) kuwona lonyaka. UMnu Dlamini usilaxazile isicelo sakhe sebheyili icala lakhe labe selihlehliselwa umhla zingama-25 kuMandulo (September) ukuze kuzophuma isinqumo sikaSekela Mqondisi wezokushushiswa.

Amaphoyisa omgwaqo kamasipala uMsunduzi abephume ngobuningi bawo ukuzokweseka imindeni yalabo abalahlekelwa.

UMnu Gwala kanye nabangani bakhe kuthiwa babehleli bebuka ibhola kumabonakude endlini engaphandle ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Lesi sigameko senzeka ngezikhathi zehora lesishiyagalolunye ebusuku.

Ngokuthola kwe-Echo, umama wakhe wayesendlini enkulu ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu endlini engaphandle kanti amanye amalunga omndeni ayengekho esaphumile evakashele izihlobo ezikhona endaweni yaseMbali Unit 2. UMnu Gwala kanye nabangani bakhe batholwa sebeshonile endlini lapho kade bebuke khona ibhola, kanti omunye wayelimele kanzima wabe esephuthunyiswa esibhedlela.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.