Uvele enkantolo osolwa ngokubulala abe-ANC

2016-06-22 06:00
PHOTO:Nokuthula khanyile UMbuyiselwa Bonginkosi Shabalala obevele kafushane enkantolo kamantshi eMgungundlovu ngoMsombuluko ebhekene namacala amabili okubulala.

PHOTO:Nokuthula khanyile UMbuyiselwa Bonginkosi Shabalala obevele kafushane enkantolo kamantshi eMgungundlovu ngoMsombuluko ebhekene namacala amabili okubulala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UVELE kafushane eNkantolo kaMantshi eMgungundlovu ngoMsombuluko ebhekene namacala amabili okubulala osolwa ngokusoconga abesifazane ababili baseFedsem abebengamalunga e-ANC.

UMbuyiselwa Bonginkosi Shabalala (40), waseMaqeleni uboshwe ngoLwesine olwedlule kulandela ukubulawa ngesihluku kukaBadedile Ntshapa (54) noPhetheni Ngubane (60) abadutshulwa bevela emhlanganweni wegatsha le-ANC kuward 15 eMehlokazulu High School ngoLwesithathu olwedlule.

Kuthiwa laba ngesikhathi sebehamba bebuyela emakhaya, bavinjezelwa abasolwa abavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona, uNkk Ntshapa washonela endaweni yesigameko kwase kuthi uNkk Ngubane washonela esibhedlela ngosuku olulandelayo.

Umsolwa evela enkantolo ezokuphepha beziqinile njengoba bekunamaphoyisa ophiko lwe-Tactical Response Team abeqaphe isimo ngeso lokhozi. Icala lakhe libe selihlehliselwa umhlaka 22 kuJuni inkantolo isaqinisekisa ikheli lakhe, ukuphepha kofakazi kanye nokuthi akanawo yini amacala ake amlahla phambilini okanye awahamba kwezinye izinkantolo.

UShabalala okuthiwa ungumnikazi wethaveni ubevele enkantolo ebigcwele ichichima amalunga omphakathi amanye abegqoke izikibha zenhlangano ye-ANC abethi afuna ukuzozibonela mathupha umsolwa. Bekulindeleke ukuba uShabalala avele nabanye abasolwa ababili kodwa kwabuye kwathiwa amacala abo ahoxisiwe ngoba ubufakazi obubaxhumanisa nalelicala bungekho.

Umshushisi uNkk Patti David utshele inkantolo ukuthi umbuso uyaphikisana nokuthi umsolwa anikwe ibheyili ngenxa yokuba bucayi kwecala abhekene nalo. Uveze ukuthi umsolwa uboshwe ngoba omunye wabashona akwazi ukuthi amgagule ngaphambi kokuba adlule emhlabeni.

Ummeli kaShabalala uMnuz Phumlani Fakude unikeze inkantolo ikheli elisha umsolwa angayohlala kulo uma inkantolo imunika ibheyili nokulindeleke ukuba liqinisekiswe umphenyi wecala.

Umsolwa akazange abuzwe ukuthi uyaliphika noma uyalivuma yini icala kodwa utshele inkantolo ukuthi uchazeliwe ngamacala abekwe wona wabe eseqinisekisa ukuthi uzofaka isicelo sebheyili.

Umsolwa ugcinwe esitokisini kuze kube uvela enkantolo futhi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.