Uyabangwa unozinti we-Ajax Cape Town

2018-05-30 06:00
Unozinti we-Ajax Cape Town u-Jody February.PHOTO: sourced

Unozinti we-Ajax Cape Town u-Jody February.PHOTO: sourced

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABALANDELI, abaphathi be-Ajax Cape Town nabathandi bebhola eMzansi wonke, basakhungethekile ngokusanda kwenzeka nangesinqumo se-Premier Soccer League (PSL) ne-South African Football Association (Safa) sokukhahlela leliqembu ngaphandle, kodwa omunye wabadlali babo ubukeka esenhlanhleni.

Phela ezinsukwini ezimbalwa ezedlule inhlangano ephethe ibhola kulelizwe iSafa kanye nePSL balahle leliqembu laseKapa ngecala lokudlalisa isikhwishikhwishi sefolosi nozalwa eZimbabwe uTendai Ndoro.

Noma beyichaza indaba kaNdoro futhi bezibeka izizathu ngaloludaba, kodwa miningi imibuzo nezizathu ezikhalisa izwe lonke.

Yize kunjalo, ezimnandi zithi unozinti ongaconsi phansi noyisithandwa sabalandeli bama-Urban Warriors uJody February kungenzeka athathwe eqenjini le-Kaizer Chiefs.

Noma-ke lamaqembu womabili engakaqiseki ngaloludaba lalonozinti , kodwa izinkomba ziyacacisa ukuthi angagcina ethathwe yiKhosi.

Kahle kahle uFebruary ugaqelwe amaqembu amakhulu aseGauteng namabili aphesheya.

Amakilabhu afana ne- KaizerChiefs, yi-Mamelodi Sundown, yi-Orlando Pirates neBidvest Wits awasabulali ubuthongo ezama ukuhlanganisa ukuze athole lonozinti.

Phela leli qembu laseNaturena (AmaKhosi) afuna lonozinti ngamehlo abomvu nje ngoba asanda kushiywa uBrilliant Khuzwayo nokade esekhathele ukuba yisekela lika Itumelenge Khune.

Phela uKhuzwayo uhluleke wancama njengabanye kwi-Chiefs ukususa noma ukuqhudelana noKhune nothathwa njengonozinti obamba kwasani nohamba phambili eMzansi wonkana.

Okubuye kulethe ithemba noma kuqinise lamahebezi ngoFebruary ukuthi uma use-Kapa, indaba yakhe isikhulunywa yonke indawo kanti nomakhelwane nezihlobo seziqalile ukumhalalisela.

Nokho yena akakafuni ukuphawula ngalolu daba ngoba usenenkontilekanama-Urban Warriors.

Uthe: “Ngiyacela ukuthi ngingaxinwa ngemibuzo ngaloludaba ngoba mina ngiwumdlali futhi angizazi izinto ezixoxwa abaphathi bamaqembu.

“Mina owami umsebenzi usenkundleni njengomdlali osenenkontileka neAjax Cape Town ,”kusho uFebruary.

Lo nozinti wakwaFebruary useke wadlalela iqembu lesizwe iBafana Bafana abangaphansi kwama-22 kanye nabangaphansi kwama-23

Kanti eqenjini elikhulu noma lamasiniya kwi-Ajax Cape Town uqale ukudlala ngonyaka ka-2014 kanti ungomunye wamadayimane avela kumajuniya aleli qembu noma ezinhlelweni zabo ezivelele eziqeqesha abadlali emazingeni aphansi.

Omunye wabaphathi be-Kaizer Chiefs oke abe nesandla esikhulu sokusayinisa abadlali abafikayo uMnuz Bobby Motaung akathandanga ukuphawula ngalolu daba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.