Uyabuya umncintiswano wabaphila nokukhubazeka

2018-07-11 06:00
UThato Jonkoro ongumhleli womcimbi.isithombe: sithunyelwe

UThato Jonkoro ongumhleli womcimbi.isithombe: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHUZA ibuya uzime wabantu abaphila nokukhubazeka eMgungundlovu obizwa ngokuthi yiNathi Sibahle Disability Beauty Pageant.

Lo zime uzoba e-Edendale Lay Ecumenical Centre e-Edendale mhla zingama-29 kuMandulo (September) kusuka ngehora leshumi ekuseni.

Ukungenele lo mcimbi kuzoba u-R150 umuntu ngamunye kanti ukungena emnyango khona u-R10 umuntu ngamunye.

Umhleli walo mcimbi uThato uthe inhloso yawo ukukhombisa abantu ukuthi nabo bangabantu abafana nawo wonke umuntu futhi nabo bayadinga ukuthi babonwe futhi baveze namathalente abo.

“Abantu kumele bazi ukuthi akukho okungalungile ngathi siyafana nawo wonke umuntu yize siphila nokukhubazeka. Kulo nyaka ngithathe isinqumo sokuthi njengomuntu omusha osemncane ngizinikele ekwenzeni lo mcimbi wabantu abakhubazekile.

“Kwesinye isikhathi abantu abaningi abakuqondi ukuthi kusho ukuthini ukuphila nokukubazeka ngakho sifuna ukubafundisa ukuthi akukho okubi ngathi. Ayikho into ebuhlungu njengokuthi abantu bakucabangele ngoba bethi uphila nokukhubazeka.

“Kwesinye isikhathi baze bakwenze uzizwe sengathi awufanele ukuhlala emphakathini abahlala kuwo. Njengomuntu omusha ngifuna ukwenza izinto ngizenzele abantu abaphila nokukhubazeka emiphakathini yethu,” kuchaza yena.

Uqhube wathi sekungokwesibili enza umcimbi ofana nalona njengoba aqala ukuwenza ngonyaka ka-2016 nawuchaze njengowaba yimpumelelo.

Uma ungathanda ukungenela, amafomu ayatholakala eKuhlekwethu ku-Langalibalele Street kanye nase-Abahle Funeral Palour. Ngeminye imininingwane ungashayela le nombolo: 078 552 4057.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.