Uyavutha umphakathi wase-Slangspruite

2019-07-17 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAbacishi mlilo bezama ukucisha amathayi akade eshiswa amalunga ophakathi emgwaqeni.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAbacishi mlilo bezama ukucisha amathayi akade eshiswa amalunga ophakathi emgwaqeni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wasendaweni yaseSklangspruite uphinde wavuka umbhejazane wavala umgwaqo uSelby Msimang Road ngoMsombuluko mhlaka-8 kuNtulikazi (July).

Lamalunga omphakathi akade ethukuthele egane unwabu avale umgwaqo ngamathayi avuthayo, amatshe kanye namabhodlela ethi afuna ukukhuluma noNdunankulu w akulesi sifundazwe, uMnu Sihle Zikalala.

Kuphazamiseke ukuhamba kule ndawo njengoba umphakathi kade ujikisa izimoto ezinye uzijikijela ngamatshe uthi akukho muntu ozodlula.

Lo mphakathi uthi sekukaningi umasipala uMsunduzi udlala ngawo uwenza izilima, manje usufuna ukuzikhulumela wona noZikalala.

Esikhathini esingangenyanga eyedlule sekube khona isiteleka izikhathi ezintathu kule ndawo nalapho umphakathi kade ukhala khona ngokungabinazo izindlu zangasese kanye nezokuhlala.

Lo mphakathi utshela i-Echo ukuthi usukhathele ukulokhu ubekezelela umasipala uwunikeza izithembiso ezingekho.

Bathe uma kungukuthi abayitholi into abayifunayo, bazoqhubeka bateleke kuze kube izidingo zabo ziyafezeka.

“Sikhathele ukwenziwa izilima manje. Njalo kuthunyelwa abantu ukuthi bafike lana bazosikhohlisa ukuze sizoyeka ukuteleka kodwa ngemuva kwaloko ayikho into eyenzekayo. Sekuphele iminyaka elishumi sithenjiswa into eyodwa, izindlu zangasese kanye nezindlu zemixhaso, kodwa akukho ngisho okukodwa okwenzekayo,” kubeka yena.

Elinye ilunga lo mphakathi lithe: “Abanye basitshela ukuthi indawo yethu ayikho kwi-data base yakamasipala. Ayikho kanjani ekubeni ikhona imizi iminingi igcwele la? Yona le ndawo abathi ayiveli iyona futhi lena abafika kuyona beze bazokhankasa uma ngabe sebefuna ukuvotelwa.”

Lo mphakathi uthi uzizwa ulahliwe futhi umasipala ungenayo indaba nawo kanye nezikhalazo zawo.

Ngesikhathi kunesiteleka emasontweni amabili edlule uSomlomo kaMasipala uMsunduzi, uNkk Jabu Ngubo, wahambela le ndawo nalapho ayezolalela khona izikhalo zawo.

Ikhansela lakulendawo uNkk Sibongile Mncwango uthe uyile ukuyokhuluma namalunga omphakathi ezama ukuwachazela.

“USomlomo wakubeka kwacaca ukuthi umasipala usazama izimali ezinkampanini ezizimele ukuze zizolekelela ekuletheni izidingo lezi ezidingwa umphakatjhi. Kumanje sisakulolo hlelo kodwa umphakathi wakithi angathi awusakwazi ukulinda,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.