Uyelulama umlingisi oshaywe kanzima

2019-02-06 06:00
PHOTO: sithunyelweULondiwe Ngcamu ngemuva kokushaywa kanzima.

PHOTO: sithunyelweULondiwe Ngcamu ngemuva kokushaywa kanzima.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UYELULAMA esibhedlela umlingisi wesifazane waseMgungundlovu olimale osinde kukubi ngesikhathi eshaywa owesilisa asondelene naye.

UNks Londiwe Ngcamu waseSobantu nobengumlingisi ophambili emdlalweni weshashalazi i-7 Days of War nobudlala bukhona eWiston Churchhill kusukela ngoLwesihlanu mhla zingama-25 kuya mhla zingama-27 kuMasingana (January).

Elandisa i-Echo esesibhedlela uNks Ngcamu uthe ukulimala kwakhe kwenzeka ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi ephuma ukuyodlala. Uthe inhloso yokuthi bahlangane kule ndawo ngalolu suku ukuthi babefuna ukubungaza impumelelo yomdlalo wabo.

Uthe yena akakwazanga ukuthi ahlale ngoba wathola ucingo kumuntu amaziyo (i-Echo elimaziyo) wabe esecela ukumphelezela aye ekhaya.

“Sasizohlagana naye endleleni bese sihamba sobabili siya ekhaya kodwa ngebhadi saphambana endleleni ngabe senginquma ukuba ngiyoma kwenye yezindawo lapho ngazi ukuthi uzongibona khona. Ngesikhathi esefika wabona imoto eyayidiliza abantu eduze kwami wabe esengibuza ukuthi ngiphuma kuyona yini ngasho ukuthi cha wabe eseyathukuthela waqala wangishaya.

“Wayehamba engishaya ngepotimende engangiliphethe endleleni saze safika kubo nakhona wafika wangivalela endlini wangishaya. Wangishaya amahora kuthi uma esekhathele bese ayaphumula aphinde asukume aqhubeke angishaye.

Wayeloku engitshela ukuthi uzongibulala. Ngesikhathi singena kubo wayengishaya phansi ngekhanda engigxoba nangezinyawo. Ngesikhathi sesindlini waze wathatha nembazo esayifica endlini wangisikaza ngayo ngayibamba ngamuncenga ukuba angangishayi ngayo ngabe engiyijikijela ngaphansi kombhede.

Ngaphambi kokub athathe imbazo waqala wathatha ummese wangikhomba ngawo ehleli phezu kwami.Ngangizitshela ukuthi uzongibulala kodwa ngangiloku ngithandaza ukuthi ngicela engangibulali. Ngesikhathi ephethe imbazo wangibuza ukuthi ngikhethani ukuthi anginqume umqala noma inzwane,” kubeka yena

Uthe ngemuva kwaloku wazamaukumuncenga ukuthi agoduke ahambe aye ekahaya wathi ngeke akwenze loko. Wayeloku engitshela ukuthi ngike ngilinge ngibaleke.

“Into eyangisiza ukuthi ngize ngikwazi ukubaleka ingemuva kokuba ngambona ukuthi uselele. Okokuqala ngangizitshela ukuthi uyazenzisa ufuna ukubona ukuthi ngizobaleka yini. Ngaqala ngaphuma ngaya emnyango ngaphinda ngabuya ngamnyakazisa ngezwa ukuthi uselele ngempela ilapho ke ngakwazi ukuthola khona ithuba lokuthi ngibaleke ngiye ekhaya,” kubeka yena.

Ekhuluma ne-Echo izolo ngoLwesithathu uNks Ngcamu uthe uyalulama esibhedlela kanti futhi usevule necala emaphoyiseni.

“Ukuvuvukala kona akukakabohli kodwa sengingcono ikona ukuthi ngisezinhlungwini.”

Okhulumela amaphoyisa esiteshini iMountain Rise uKapteni Gay Ebrahims ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza kodwa bekungakaboshwa muntu.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.