Uyomela idolobha kokazwelonke

2019-08-14 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweAmahle Sithole.

ISITHOMBE: sithunyelweAmahle Sithole.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUSEBENZA kanzima kanye nokuzimisela kuyo yonke into oyenzayo ikona athi kuyamsiza uma ngabe engenele imincintiswano yozime.

U-Amahle Sithole wasendaweni yase-Lincoln Meade ungomunye wabozime abangenele umncintiswano wokuthatha isicoco sika-Miss United Nations 2019 kulandela ukuqokwa kwakhe njengomunye obe sohlwini lokugcina(finalist) kulo zime. Lo zime uzoba seGoli.

Ekhuluma ne-Echo uNks Sithole uthe ukujabulele kakhulu ukuba ingxenye yalo mncintiswano nanokuthi usekwaze ukuthi afike esigabeni esikhulu kangaka.

“Lona umncintiswano omkhulu njengoba kungokazwelonke. Kuyisifiso sami ukuthi uma ngifika lapha ngikwazi ukuthi ngiwine ukuze ngizokwazi ukuthi ngibuyise lesi sicoco size ekhaya.

“Ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi ngikwazi ukuthi ngiphakamise igama le ndawo engiphuma kuyona kanye nedolobha laseMgungundlovu. Ngaphandle kokuwina isicoco ngiyakholelwa ekutheni ukuba yinxenye yalo mncintiswano kuzongisiza kakhulu ukuthi ngikwazi ukufunda izinto eziningi ezahlukene nengizokwazi ukuthi ngikwazi ukubuya ngizofundisa ezinye izingane ezilingana nami,” kubeka yena.

Uqhube wathi ukuwina kwakhe lo mncitiswano kuzomnikeza ithuba lokuba akhuthaze aphinde afundise intsha ngezinto ezahlukene ababhekene nazo.

“Ukuwina umncintiswano akusho ukuthi sekumele uthathe ibhande lakho ulibeke ekhaya ukhohlwe kodwa kumele ulisebenzise ukusiza abanye abantu kanye nokwenza izinto ezinhle emphakathini.”

Ukulandela uhambo luka-Amahle kulo mncintiswano ungamulandela ezinkundleni zokuxhumana u-Instagram: Amahle_futuremiss.sa

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.