Uzime ucela ukuvotelwa kowamanqamu

2018-09-19 06:01
PHOTO: sithunyelweAnathi Mzimkhulu.

PHOTO: sithunyelweAnathi Mzimkhulu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UZIME waseMgungundlovu u-Anathi Mzimkhulu ucela abalandeli bakhe kanye nabahlali baseMgungundlovu ukuba bamuvotele njengoba engomunye abaqokelwe owamanqamu ku-Miss Eagles South Africa 2018.

uMzimkhulu, ohlala endaweni yaseGomora e-Edendale, uthi kuyamjabulisa kakhulu ukuthi usehambe kangaka kulo mncintiswano.

“Ngaqala ngangenela sibaningi ngakhethwa ukuba ngidlulele phambili kuma semi-finals, nalapho ngafika ngakwazi ukuthi ngiqokwe futhi ukuthi ngidlulele phambili kowamnqamu. Lokhu bekungeke kuze kwenzeke ngaphandle kokwesekwa engikutholile ebantu bengivotela. Amavoti abo iwona enze ukuba ngikwazi ukufika lapha engikhona njengamanje. Ngisacela futhi ukuthi baqhubeke bangivotele ukuze sizokwazi ukuthi sibuye nesicoco kulo mncintiswano.

“Leli ithuba lami lokuthi ngiziveze kulo mcintiswano. Uma ngingathola amavoti anele ngingagcina ngikwazile ukuthi ngibuye naso lesi sicoco. Ngifuna ukwenza wonke umuntu aziqhenye ngami nabantu baseMgungundlovu nabo baziqhenye ngokuthi ngingomunye wabo,” kubeka yena.

Uthe kwakuhleli kuyiphupho lakhe ukuthi angene emkhakheni wezokumodela aphinde abe ingxebe yomncintiswano omkhulu njengalona.

“Ngaqala ukumodela ngineminyaka eli-10 nje kuphela nakhona ngesikhathi ngiqala ngangingathandi kodwa udadewethu omdala uyena owayengikhuthaza kwazise wayemodela futhi ekuthanda. Wangitshela ukuthi angike ngikuzame nami ukumodela ngibone ukuthi kuhamba kanjani. Seloku ngaqala angibange ngisabheka emuva ngoba ngavele ngakuthanda ngenye indlela kanti futhi sekuyinto engifuna ukuyenza impilo yami yonke.”

Ukuvotela uMzimkhulu SMS Athis ku 35334.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.