Uzime uyomela idolobha eThekwini

2019-11-27 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUNks Nompilo Nxumalo oyomela idolobha kowozime eThekwini.

ISITHOMBE: sithunyelweUNks Nompilo Nxumalo oyomela idolobha kowozime eThekwini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UZIME osemncane uthi uzimisele ngokuphakamisa ifulegi laseMgungundlovu emncintiswaneni wozime i-KZN Top Model.

UNompilo Nxumalo (23) ungomunye wabazobe beqhudelana kulesi sicoco eThekwini mhla zingama-24 kuLwezi (November).

Exoxa ne-Echo lo mfundi owenza unyaka wesithathu ezifundweni ze-Hospitality e-TVET College esigcemeni esise-Northdale uthe ujabule kakhulu kodwa futhi wethukile ngoba akazi ukuthi uzobe unzima kangakanani umncintiswano.

Uthe wangenela lo mncintiswano ngenyanga kaNhlolanja(February) ngemuva kokuba ewubone ukhangiswa enkundleni yezokuxhumana uFacebook.

“Ngazitshela ukuthi leli yithuba lami lokuthi ngizibonakalise ithalente lami ukuze ngizokwazi ukuthi ngilisebenzise futhi ekulekeleleni abantu abadinga usizo ikakhulukazi izingane eziyizintandane.

“[Ukunqoba] lo mncintiswano kuzongisiza kakhulu ngoba kuzonginikeza ithuba lokuthi ngihambe ngihlanganyela namalunga omphakathi ahlukene antulayo adinga usizo,” kubeka yena.

Uthe ukumodela bekuyinto abehleli eyithanda ngesikhathi esakhula eyingane kodwa ubengakaze alithole ithuba okanye umuntu ozomlekelela ukuthi aze afezekise iphupho lakhe.

Uthe lona umncintiswano wakhe wokuqala wesifundazwe kanti futhi ujabule kakhulu ukuthi usehambe waze wafika ezingeni lokuba kowamanqamu.

“Ukucabanga ukuthi bangaki abantu akade bengenelile kodwa bangakwazi ukufika lapho ngifike khona mina, kuyasho ukuthi kukhulu esengikwenzile.

“Nakuba sekuthiwa angisaphumelelanga kodwa yinkulu indima esengiyidlalile kanti futhi angizuyeka manje ngisazoqhubeka.”

Uphinde waveza ukuthi ngaphandle kokuba kulo mncintiswano useqale uhlelo lokuqoqa izinto zokugeza, ezokugcoba kanye nama-sanitary towels ukuze ezonikela ngawo ekhaya lezintandane i-Sunlit Gardens Orphanage.

Uthe ucela nanoma ubani ongathanda ukwelula isandla ukuba amthinte enombolweni ethi 079 861 2673.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.