Uzogubha usuku lwakhe lokuzalwa eMbali uProfessor

2019-05-22 06:01
UMkhonzeni 'Professor' Langa uzogubha usuku lwakhe lokuzalwa eMbali.ISITHOMBE: internet

UMkhonzeni 'Professor' Langa uzogubha usuku lwakhe lokuzalwa eMbali.ISITHOMBE: internet

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI we-house nowaziwa izwe lonke uProfessor uzogubha usuku lwakhe lokuzalwa eMbali Unit 1 endaweni yobumnandi eyaziwa ngokuthi iBroadway Life Style ngoMgqibelo mhla zingama-25 kuNhlaba (May).

UProfessor, ogama lakhe langampela kunguMkhonzeni Langa, uzobe egubha iminyaka engama-41 azalwa.

Lo mcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kwakhe uProfessor uhlelwe i-Ink NUZ.

Ngokuthola ngomunye wabayingenxenye yokuhlelwa komcimbi, uDj Cool, uthe uProfessor uyena owazisholo yena ukuthi ufuna ukuzogubha usuku lwakhe lokuzalwa eMgungundlovu.

UProfessor waqala ukuduma ngesikhathi ecula nozakwabo uTzozo. Selokhu aqala lapho akaphindanga wabheka emuva njengoba akwazi nokuthi ahlukanise unyaka naseminyakeni eyedlule. Kumanje unenkampani yakhe eqopha umculo, iKalawa Jazmee.

Ku lomcimbi uProfessor uzobe engahambi yedwa, kodwa uzobe ehambisana nabaculi abafana noBusiswa, Sparks Bantwana, Oros, Beezory, Dj Cool, Dj Wonder kanye nabanye.

Ithikithi lokungena kulo mcimbi lizotholakala esangweni ngemali engu-R100 umuntu ngamunye, iVIP yona ingu-R250.

I-Ink NUZ, ngokubambisana ne-Echo, banikeza ngamathikithi amathathu ahamba ngamabili kubafundi abathathu abazoba nenhlanhla.

Okumele ukwenze ukuthi ungene ekhasini le-Echo lika-Facebook ucindezele u“Like” kuleli khasi bese u-tagger nabangani bakho abaningi.

Abawinile bazomenyezelwa ngoLwesithathu mhla zingama-22 kuNhlaba (May).

Ngeminye imininingwane mayelana nalo mcimbi ungashayela le nombolo: 074 154 4060/072 504 2372.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.