Uzokhipha ama - EP amathathu ngesikhathi esisodwa

2020-04-29 06:02
isithombe: sithunyelweUmculi uMthobisi Sithole uzokhipha ama EP amathathu.

isithombe: sithunyelweUmculi uMthobisi Sithole uzokhipha ama EP amathathu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UZOQOPHA umlando umculi wasendaweni yaKwaDambuza njengoba ezokhipha ama-Extended Play (EP) akhe amathathu ngesikhathi esisodwa.

UMthobisi Sithole (23) nowenza umculo wohlobo lwe House, Gqom, Afro & Deep House uthe uzokhipha lama-EP mhlaka 1 kuNhlaba (May).

Izihloko zalama-Ep zithi Mother of All 1,2 & 3.

I-EP yokuqala izoba nezingoma ezithathu, eyesibili izoba nezingoma ezintathu bese kuthi eyesithathu yona ibe nezingoma ezine. Ekhuluma ne-Echo uSithole nowaziwa ngo-Soulman endimeni yezomculo uthe unqume ukusebenzisa ithuba lokuvalwa kwezwe okwesikhana (lockdown) ukukhiqiza amanoni omculo.

Izwe laseNingizimu Afrika lavalwa ngemuva kokubhebhetheka kwesifo i-Coronavirus.

“Bese kunesikhathi eside kona ngingawukhiphi umculo ngenxa yezifundo zami kodwa kuthe ima ngabe sekwenzeka ngale ndlela ngabona kuyithuba elihle lokuthi ngibhekane nomculo wami nginikeze abantu.

“ Abantu abaningi besebekhala vele bebuza ukuthi kungani mgingasawukhiphi umculo,” kubeka yena.

Uqhube wathi uthando lwakhe lomculo lwaqala esemncane eneminyaka eyisithupha. Uthe esikoleni wayevamise ukuhlale eshaya amatafula enze sengathi wenza umculo kwaze kwaba ukwazi ukuthola i-computer ngonyaka ka-2011 wabe eseqala ukwenza umculo

Ngonyaka ka-2012 wakhipha ingoma yakho esihloko sithi ‘Isgubhu saseGxa’ nalapho ayepike khona uDj Young.

“Kusukela lapho angiphindanga ngayeka ukuthanda umculo. Into eyenza ukuthi ngithande umculo ukuthi uma ngabe ulalele wona umqondo wakho uyasabalala kanti futhi uyakusiza ukuthi uphumule ungacabangi nezinto eziningi ezingalungile,” kubeka yena. USithole uthe abaculi abafana no-Dj Tira ibona abamkhuthazile ukuthi naye aze afunde ukuzenzela isigubhu somculo nge computer.

Umculo wakhe uthe uzotholakala ekhasini lakhe lika-Facebook :

SoulManSA, WhatsApp 0736720441, sendspace.com kanye nakwi UGMA.COM okwamanje.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.