Uzoludlulisela enkantolo owavalelwa umazisi

2018-04-04 06:03

OWESILISA wase-France uthi usefuna ukulidlulisela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu udaba lokuvalwa kwamazisi wakhe ngaphandle kwesizathu ngoba noMnyango wezaseKhaya kuleli dolobha uhluleka ukulixazulula lolu daba.

UMnuz Simon Phiri (65) uthi sekuphele iminyaka emithathu egqigqa eMnyangweni wezaseKhaya kodwa akalutholi usizo.

I-Echo yashicilela lolu daba ngomhla ka-15 kuNhlolanja (February) nalapho umnyango wathembisa khona ukulusukumela udaba lwakhe kodwa kuze kube yimanje uMnuz Phiri uthi akukho abasamsize ngakho.

Uthe: “Bangitshela into eyodwa namanje ukuthi ngingowaseMalawi yingakho bawuvala umazisi wami. Into engixakayo ukuthi kungani bekungaveli lokhu sonke lesi sikhathi kuze kuvela manje? Ngikhathele manje ukwehla ngenyuka leli hhovisi ekubeni alingangisizi ngalutho ekugcineni.

“Senginqume ukuthi ngizoluthatha lolu daba ngiludlulisele enkantolo ngoba uMnyango awungicaciseli ukuthi uyangisiza noma cha. Kuyimanje ngimatasa ngixoxisana nommeli ukuze sizokwazi ukuya enkantolo. Sengikhathele ukukhuluma manje. Impilo yami imile angikwazi kwenza lutho. Angikwazi ngisho ukusebenza ngoba anginamazisi sengiphila ngokubamba amatoho.”

“Uphinde waveza ukuthi okubuhlungu kakhulu ukuthi lowo owayengummeli wakhe ekuqaleni ngesikhathi eqala ukulwa lolu daba useyamusongela uthi akahlukane nokulokhu elulandela lolu daba okanye esho ukuthi wake wamsiza ekutholeni isixazululo.

“Akusikona okokuqala engisongela ngemiqhafazo angithumelela yona. Angimazi ukuthi ungifunani ngoba ngamukhokhela yonke imali yakhe ngesikhathi engisiza. Ngamutshela futhi nangesikhathi sengimushiya ukuthi sengifuna ukuzama ezinye izindlela zokuthola usizo ngomazisi wami ngoba kwase kuphele unyaka senza into eyodwa kodwa ngingayiboni inqubekela phambili.

“Kwakufana nokuthi ngikhokhela amahhala ngoba wayevele ahambe ayohlala ehhovisi lalo mnyango eliku-Church Street aqede angangisizi ngalutho,” kubeka yena.

Ebuzwa ukuthi kungani engamvuleli icala lommeli uthe okwamanje usafuna ukubhekana nodaba lwakhe lukamazisi.

Ufunge wagomela ukuthi ngeke aze aphinde alubhade unyawo lwakhe emahhovisi lalo mnyango elisedolobheni laseMgungundlovu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.