CISHE ukuthi umqeqeshi oqeqesha abesifazane abadlala ibhola lezinyawo eMzansi iBanyana Banyana u-Desiree Ellis uthandaza uNkulunkulu ophilayo, mhlawumbe noMdlozana wakhe uyakwazi ukumdlalela.
Emasontweni nje ambalwa edlule lo mqeqeshi ubelokhu ehlala ezibuza ukuthi kaze uyoke asithole yini isikhundla sokuqeqesha leli qembu ngokugcwele ngoba phela ebelokhu engutoho isikhathi eside.
Phela indaba ka-eEllis ibisivusa izinhlonzo kuwowonke, uMzansi uzibuza ngamalungelo abasebenzi ngoba phela lentokazi ezalwa eKapa neyadlala isikhathi eside kwiBanyana Banyana ibisiqede izinyanga eziyi-18 ilokhu isebenze njengomqeqeshi obambile.
Kuyindaba ethokozisayo ukuthi inhlangano yebhola yakuleli i-South African Football Association (Safa) noMengameli wayo u-Danny Jordaan bakwazile ukuqoka u-Ellis ngokusemthethweni nangokugcwele ngesonto eledlule.
Ukuqokwa kuka-Ellis kukholakala njengezinye izinkomba zokusebenzisana kahle nenhlangano i-Safa nabaxhasi beBanyana Banyana uSasol noMengameli we-Safa uJordaan.
Noma-ke le ntokazi ibongelwe umhlaba wonke ngokuqokwa kwayo ngokusemthethweni umsebenzi wayo uzoba nzima futhi kuyofanele atshengise ukuthi lesikhundla simfanele.
Umsebenzi uzoba nzima futhi uzoba mningi ngendlela exakile.
Kanti uma nje u-Ellis eke wahluleka noma wangabaza umsebenziwakhe, baningi o-Thomas basendulo basebhayibhelini abayothi babevele bengamthembi.
Kuzokhumbuleka ukuthi lomqeqeshi wathatha izintambo njengebamba lomqeqeshi emva kuka-2016 kuma-Rio Olympics nalapho abahluleka ukushaya igoli ngisho elilodwa futhi bahlulwa kuyo yonke imidlalo yabo.
Ngesikhathi leli qembu liya e-Rio lalingaphansi kuka-Vera Pauw nowashaya utshani emva kwalemidlalo ngaphandle kokutshela izikhulu ze-Safa.
Umsebenzi wokuqala nje ka-Ellis ukuqinisekisa ukuthi iBanyana Banyana iyaya kwindebe yomhlaba ngo-2019.
Kanti imidlalo yokuhlungela i-African Women’s Championships ezoba ngo-June, nokuyimidlalo eyobe iphethe ithikithi eliya kwi-13th African Women’s Cup of Nations (Women’s Afcon) ezobe sezweni lase-Ghana kusukela ngo-November 17 kuya ku-December 1.
Kuyofanele iBanyana ihlule amaqembu amathathu aphezulu kwi-Women’s Afcon ukuze bakwazi ukuya kwi-World Cup eFrance.Phela lomqeqeshi wafakwa uphaphe legwalagwala ngesikhathi edla umhlanganiso kwi 2017 Cosafa Women’s Cup ngo-September.
Kanti ekuqaleni kwalonyaka ophezulu iBanyana Banyana yafakwa olunye uphaphe ngesikhathi ikhethwa njengeqembu labesifazane elivelele eAfrica, i-Caf 2017 Women’s Team of the Year.
U-Ellis uthi uyajabula futhi wazi kahle kamhlophe ukuthi umsebenzi ngeke ube lula ngoba phela kuningi ekufanele bakuzuze.
Uthe: “Kuyintokozo ukuthi umsebenzi sengiwunikiwe kodwa kuzofanele mina nabadlali bami sisebenze ngokukhulu ukuzikhandla ukuze sitshengise ukuthi ibhola lembokodo liya kude. Ngiyabethemba abadlali ukuthi bazokwazi ukuya kwi-Afcon nakwi-World Cup, ngoba sonke siyazimisela,” kushoyena.
UMengameli we-Safa u-Jordaan uthi umqeqeshi wazi kahle ukuthi yini elindelwe kuyena.