Uzoqopha umlando e-PMB uGubhela

2018-10-17 06:03
ISITHOMBE: Da Brian PhotographyNduduzo Mkhize owaziwa ngelika Gubhela.

ISITHOMBE: Da Brian PhotographyNduduzo Mkhize owaziwa ngelika Gubhela.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USONKONDLO waseMgungundlovu uNduduzo Mkhize wase-Elandskop nowaziwa kakhulu ngelikaGubhela uzoqopha umlando eMgungundlovu ngomcimbi wakhe wokugubha iminyaka eli-10 angena emkhakheni wezin- kondlo.

Lo mcimbi oyi-One Man Show wethiwe ngokuthi NgokukaGubhela Chapter 1 Verse uzobanjelwa e-Voortrekker Museum mhla zingama-27 kuMfumfu (October) kusuka ngehora lokuqala emini kuya kwihora lesihlanu ntambama (1 pm-5 pm).

Kulo mcimbi uGubhela uzobe ehaya zonke izinkondlo zakhe aseke wazibhala kusukela ekuqaleni engena kulo mkhakha.

Ekhuluma ne-Echo uGubhela uthe lena ngenye yezindlela afuna ukubonga ngayo abalandeli bakhe abamuseka kusuka ekuqaleni kuze kube imanje kanti futhi uzobe egubha iminyaka eli-10 angena kule ndima yezinkondlo.

“Ukuqeda iminyaka eminingi kangaka endimeni kaqedisizungu akusiyona into elula nento ongayithatha kancane nje ingako nginqume ukuthi ngikubungaze loko ngiphinde ngibonge nabalandeli bami ngoba ukube bekungesikona ukungeseka kwabo bengingeke ngize ngibe lapha ngikhona manje.

Baningi abantu esaqala nabo kodwa abangakwazanga ukufika bona lapha engikhona mina manje.

“Ngifuna ukukhumbuza abalandeli bami ukuthi siphuma kuphi. Ngizobe ngihaya zonke izinkondlo zami kusukela ekuqaleni.

Bekungekho lula kona endleleni kodwa sizabalazile kwaze kwabe sifika lana.

Ngifuna ukunikeza abantu baseMgungundlovu into ecokeme abangakaze bayibone nangaphambili into ezobashiya benagwuvali umlomo befuna impinda.”

Lo mcimbi kaGubhela uqale eThekwini ngenyaka eyedlule kanti ngenyanga ezayo (November 10) uzobe u-Newcastle.

Ngaphandle kokuba imbongi uGubhela unenkampani yokuqopha ebizwa nge-Gubhela Brands inhloso yayo okuwukusiza intsha ethanda ezamaciko.

Uphinde waveza ukuthi kungenzeka akhiphe i-CD yakhe yezinkondlo maduzane.

Amathikithi okungena kulo mcimbi ayatholakala eCompu­ticket ngo-R150 kanti i-VIP yona ingu-R200.

Ngeminye imininingwane shayela u074 769 9915.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.