Uzothatha izinyathelo zomthetho obhidlizelwe umuzi

2019-03-13 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKusale kunje emzini wakwaMbanjwa ngemuva kokuba bezame ukuwudiliza.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaKusale kunje emzini wakwaMbanjwa ngemuva kokuba bezame ukuwudiliza.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE waseThornville uthi uzimisele ngokuthi athathe izinyathelo zomthetho ngemuva kokubhidlizelwa ingxenye yomuzi wakhe kwenziwa ngowesilisa okuthiwa owomdabu waseNdiya nokuthiwa umtshele ukuthi wakhe endaweni yakhe ngokungemthetho.

Umuzi kaNks Thoko Mbanjwa udilizwe ngoLwesine olwedlule mhla zingama-28 kuNhlolanja (February).

Ngokuthola kwe-Echo kuthiwa kusize umphakathi ukuze kume ukudilizwa kwalo muzi njengoba uvele wavuka umbhejezane wavala umgwaqo ngamathayi avuthayo uthi ufuna umuntu obhidlize lo muzi awulungise ngoba akanayo imvume yokuthi awudayise.

NgoLwesine kuthiwa lona wesilisa ufike nogeleja ofike waqala wadiliza ubonda lase sangweni kulo muzi umphakathi wabe usuvuka umbhejazane wavala umgwaqo ngamatshe kanye namathayi avuthayo uthi ufuna lona wesilisa alungise umonakalo lona awenzile.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo wayo osondelene nalesi sigameko kuthiwa lona wesilisa ubethe uzodiliza imizi eli-15 kule ndawo nathi yakhiwe endaweni yakhe ngokungemthetho.

Ngemuva kokuqala adilize ubonda lwasesangweni akazange esaqhubeka ngoba umphakathi ubusuvutha bhe.

“Ukube umphakathi awuzange uze uphume uzokhuza umhlola ngabe wonke lo muzi udiliziwe wasala phansi.Ngesikhathi befika bezodiliza abazange bakhulume lutho nabantu akade bekhona beqedela ukwakha kulo muzi kodwa bavele bafika badiliza.

“Abantu abakhayo bezwe ngomsindo nje sekuwiswa.Uma bebuza ukuthi kungani kudilizwa batshelwe ukuthi yingoba umuzi wakhiwe endaweni yomuntu ngokungemthetho,” kusho umthombo.

Uqhube wathi amalunga omphakathi awafuni kuzwa lutho kodwa afuna ukuthi kulungiswe umonakalo odaliwe okanye bazoqhubeka bavale umgwaqo ngamathayi avuthayo.

Ngesikhathi i-Echo ivakashele kule ndawo ngoLwesihlanu ifice amaphoyisa ophiko lwe-Public Order Policing (POP) eme eduze komgwaqo ngakulo muzi odiliziwe eqaphe isimo.

Umnikazi womuzi uNks Mbanjwa uthe usakhungathekile yilesi sigameko kanti uphatheke kabi kakhulu.Uthe umuntu odilize umuzi wakhe ubengamazi ubeqala ukumbona ngoLwesine olwedlule.

“Ngokusho kwakhe uthi ngakhe endaweni yakhe ngokungemthetho kodwa mina angikwazi lokho. Sathenga izindawo ezintathu ngokuhlanganyela nesinye isihlobo sami sabe sesikhipha u-R75 000 umuntu ngamunye ngoba indawo iyodwa yayingu-R50 000.

“Konke loku akushoyo ngiyakuqala mina ngiphatheke kabi kakhulu ngalesi senzo ngoba lento ayenzile ungibuyisele emuva.Umonakalo awenzile ulinganiselwa emalini engu-R250 000,” kubeka yena.

UNks Mbanjwa uthe uzimisele ukuthi kuleli sonto elizoqala ahlangane nommeli ukuze ezoyilwa lento.

Uthe uzamile ukuvula icala emaphoyiseni kodwa watshelwa ukuthi angeke aze akwazi ukuvula icala ngoba umuntu odilize umuzi wakhe ufike kuqala wazobika ukuthi uzodiliza. Amaphoyisa athe alikho icala elivuliwe.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.